UBHODLA umlilo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ngonontandakubukwa owakhuluma kabi ngomkakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UMusa Khawula wafaka isithombe sikaSjava, ongumculi wakuleli, nenkosikazi kaNgizwe wase ebhala ukuthi uLindi Khuzwayo ungunkosikazi wesine kaSjava kodwa wayegane uNgizwe.
Sjava with his 4th wife Lindi Khuzwayo.
— Musa Khawula (@MusaKhawula) May 15, 2022
Lindi Khuzwayo was married to Ngizwe Mchunu. pic.twitter.com/jLFuSM9H7D
Abantu abaningi bawuhlaba lo mbhalo, bathi uSjava wathatha isithombe nalo wesimame ngesikhathi esemngcwabeni kababa kaNgizwe. Lo nontandakubukwa akazange awususe lo mbhalo ezinkundleni zokuxhumana.
Kuthiwa uNgizwe akawuphendulanga lo mbhalo ngaleso sikhathi ngoba ubesazilile. Namuhla uzwakale ekhuluma nomuntu ambize ngoMapholoba ngalolu daba.
“Le nto ilokhu ingithunuka kancane kancane, ubani ongacabanga ukuthi uSjava angasuka le ekhaya kufiwe azoshada nomkami, ubani ongacabanga leyo nto?” kubuza yena.
Uthi akatholelwe lo muntu, asondezwe nganeno azofunda ukuthi abantu bakwaZulu banjani.
U Ngizwe Mchunu is loking for you😆 pic.twitter.com/hTJG4746ps
— Dzaddy (@ThisIsMduh) May 25, 2022