UNGIZWE Mchunu uthi uma owayengumelameli uJacob Zuma engakhishwa ejele ezinsukwini ezintathu uzoqhinqa ngaphandle kwalo aze adedelwe.
UNgizwe ukusho lokhu enkulumeni athe uyibhekise esizweni eGoli, ngeSonto emini.
"Jaji uZondo noma ngabe ninamalini zinsizwa zakithi, ngithi mina njengamanje le mihlangano eniyibambe ngaphansi kwama-aircon, isikhathi sayo siphelile manje. Ngisho ningathumela abantu bangibulale manje angesabi, angikwesabi ukufa. Njengamanje khiphani ubaba ejele zingaphelile izinsuku ezintathu. Ngale kwalokho niyobe niziphosele. KwaZulu sithi thina akukho zinyane lemvubu lingadliwa zingwenya kucwebe iziziba," kusho uNgizwe.
Uthe uyayisaba into ezokwenzeka ezweni uma kuphela izinsuku ezintathu uZuma engakhishwe ejele.
into ezokwenzeka kuleli zwe ngiyayisaba uma umongameli engakhishwa ejele ezinsukwini ezintathu.
UZuma udonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele lase-Estcourt ngecala lokwedelela umyalelo wenkantolo.
Uzichaze njengomongemeli woquqaba, wabampofu, wabangenamandla, amabhinca "nezishabasheki zaleli zwe eziyolithatha zilifake ezandleni zabantu abafanele".
Uthe waziwa njengomuntu wamahlaya kodwa manje leso sikhathi siphelile.
"Uma kuphela izinsuku ezintathu ubaba engaphumile ejele siyahamba sonke siya la ubaba elele khona solala khona. Oncelisa ingane akaye khona siyohlala naye ubaba aze aphume ejele. Uma besibulala basibulalele khona. Sithi noma onjani asambe isalukazi, ohamba nge-wheelchair nogulayo ayogulela ngakhona ngoba vele izwe livaliwe anikwazi ngisho ukulanda amaphilisi emtholampilo kodwa ubaba ulapha ejele," kusho uNgizwe.
"Ngiyazinikela mina ukuthi ngiyolala ngaphandle la alele khona ubaba uyoze aphume ejele."