OZAKHELE udumo ngokuphatha uhlelo emicimbini eyahlukene, uJabulani Shandu, uthi uzizwa ejabule ngempumelelo yakhe emculweni.
Lokhu kuza ngemuva kokuzwa elinye lamaculo elithi: Kunzima, elivamise ukudlalwa emsakazweni Ukhozi FM. UJabulani, odume ngoJabulani Shandu eMatshana, kungokokuqala ekhipha i-albhamu athe yinto ayengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga iyokwenzeka.
“Okungijabulisa kakhulu wukuthi ngifike kwazwakala emculweni njengoba sengiqalile ukuqashwa ekubeni ngumculi. Umcimbi wokuqala engizonandisa kuwona ngokaMasipala iKing Cetshwayo ngoJuni 25, eRichards Bay. Bengihlala ngiqashelwa ukuba wumphathi wohlelo emicimbini eminingi njengoba bengivele ngaziwa ngalowo msebenzi. Ukuqashelwa ukucula yinto yokuqala eyenzeka empilweni yami.
“Ngijabule kakhulu nangendlela emukelwe ngayo i-albhamu yami njengoba iculo elithi: Kunzima, engipike kulona uCevuzile, sengilizwe kaningi kuKhozi FM. NakwiMetro FM ngilindele ukuzwa elithi: Omswayipheni. Lokhu kungenxa yokuthi bacele ngibathumele elinye ngoba iKunzima bathe inesigqi sikamaskandi, okungeyona imakethe yabo. Lokho kukodwa kusho lukhulu ukuthi bawulalelile umculo wami,” kusho uJabulani Shandu.
Uthe akayekile ukuba ngumphathi wezinhlelo kodwa kuzoya ngokuthi abahleli bemicimbi bamdingelani. Izingoma zakhe zikwi-albhamu yakhe yokuqala ye-Afro pop esanda kuphuma. Uthe ukubiza i-albhamu yakhe ngeGod kuyindlela yokubonga uNkulunkulu ngokuthi agcine esengumculi, okuyinto angakaze ayicabange ukuthi iyokwenzeka kuyena ngelinye ilanga.
Uveze ukuthi okunye okube yikhono abengalazi wukuthi unalo elokubhala umculo ngoba zonke izingoma uzibhalele yena. Uthe abanye asebenze nabo kwi-albhamu nguDJ Delela noFey noSiba Music.