NDONI Ndunakazi
Image: FACEBOOK
ISIHLOKO: Sasha Isibhamu
UMCULI: Ndoni
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
ANGIQALE ngiveze ukuthi uma kukhulunywa ngabaculi besifazane abaphiwe ukucula hhayi ukuhlabelela, uNozipho "Ndoni" Ndunakazi ungomunye wabo.
Empeleni uma kungathiwa angiklelise iTop 3, uphakathi.
Le ntokazi yaKwesakwaMthethwa, ayizibizi ngoMaphimbonke ngoba izikhohlisa ngobala. Ngomunye wabaculi abacindezelekile ngenxa yokuthi bangabantu besifazane abazinze eKZN kodwa yena uyabathwalisa abesilisa uthayela kunesiphepho. Uma sengingena kule-albhamu singichazile isigqi sengoma ethi Ngiyagowa.
Kumnandi ukuzwa umculi kamaskandi esebenzisa amatemu asematheni entsheni. Okwesibili ngichazwe wukuzwa ecula phezu kwesigqi somculo odume eBotswana, naseNorth West. Iphutha alenzile wukungamtholi umculi ongumTswana. Ukuba benginguye bengingazama izihlabani ezinjengoMmaAusi, Nomtiti noma iCulture Spears. Empeleni sekuyisikhathi sokuthi abaculi bakamaskandi bapike abaculi bezinye izinhlanga nezinye izizwe ukuze bathuthuke.
Ikhono lokucula kuNdoni lizwakala kahle nasengomeni ethi Ihhovisi LikaHulumeni. Kule ngoma ukhuluma ngamalungelo amadoda.
Ingoma ethi Hamba Kulungile, ingenza ngikulangazelele ukubona izinsizwa zigijima ngayo ngenqina esitikini. Ingichazile indlela angena ngayo uGqizile.
Kufana nale ngoma ethi Anosukuma Nonke, bayishayile. Ivusa usinga. Kunomsindo oshiwo ngabesilisa kuyo okuyinonga kamnandi.Awusho weNdoni, ugadla bani ngale ngoma ethi Ngiyaphaka Manje. Ngeke angaphakami amandiki namandawa uma izangoma zizwa ethi Inkonyane Yedlozi. UKhaya usuke esesibhambabula ngempela isigingci sebhesi.
Ngiyezwa ukuthi uyashinga impela, pho zihlala enyameni kabani lezi nduku zakho? Ezinye izingoma ezingichazile ngezithi Bayothi Sithwele, Kuyekele Kubazali, Vulani Singene, Qomani Matshitshi, Fundani nethi Amagoso. Abanye abaculi abapikiwe ngoGandaganda, Luve Dubazana noFace 2 Face. Ugijime kakhulu uNdoni. Kucula phambili yena bese ephelezelwa nguStriker noMantomane. Isigingci sixetshulwa wuMfulongashi, esebhesi nguKhaya Mkhize, i-keyboard ixavathwa wuSizwe Gumede bese inkositina idlalwa wuMema. Ngakho zitholeleni leli cwecwe ezitolo ezisezinkundleni zokuxhumana, ngeke niyikhalele imali yenu. Zimnandi zonke.