BAGCINE bephoqelekile ukuthu bayisuse ivideo kaSbahle Mpisane abakwaMpisane ngemuva kokuhlaselwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana. Ofake le video, u-Andile Mpisane, ongumfowabo omncane kaSbahle, uthe ukhethe ukuyisusa ekhasini lakhe ngoba bese behlaselwa njengomndeni.
"Ngicela niqaphe ukuthi ngiyisusile ivideo yokululama kukaSbahle ekhasini lami ngemuva kokuhlaselwa kwethu (yena noSbahle) nomndeni. Besihlose ukwazisa umphakathi ngokululama kwakhe ngokufaka le video. Ngemuva kwengozi abantu babehleba ngakho konke okubi ezinkundleni zokuxhumana, nasemaphephandabeni ngaye okuyinto esizwisa ubuhlungu kakhulu. Siyabonga ngokuqhubeka niseseka ngomkhuleko, uSbahle uyabonga kini nonke, siyabonga," kusho u-Andile.
View this post on Instagram
A post shared by Andile Mpisane(@andilempisane10) on Sep 11, 2018 at 11:12am PDT
U-Andile ufake ivideo kaSbahle, obebangwa nezibi esibhedlela emuva kwengozi enyantisa igazi. Izolo uSbahle uvuke embhedeni waphawula ngomshado wabazali bakhe uShauwn noSbu abebegubha usuku abashada ngalo eminyakeni eyedlule.
“Sanibonani nonke, namhlanje (esho izolo), sigubha usuku lapho abazali bami babopha khona ifindo likasofa silahlane futhi sijabule kakhulu. Okunye ukuthi angiphilile ngalo lolu suku. Ngiyabonga kubantu abasondelene nami nakubantu abangithandayo emphakathini ngokungifisela ukululama, ngizizwa ngingcono, nezipho eningilethele zona nazo ngiyazibonga kakhulu,” kusho uSbahle.
Le ntokazi ifisela abazali bayo nje, kuke kwaba nezindaba ezike zavela emaphepheni ahlukene zokuthi abasahlali ndawonye emzini wabo oseLa Lucia, eThekwini.
USbahle, izolo ubevela okokuqala emphakathini ngemuva kwengozi eyenzeka emgwaqweni uMagret Mncadi, eThekwini.
Umfowabo kaSbahle, u-Andile ufake inkulumo eqoshwe uSbahle efisela abazali bakhe okuhle kodwa njengoba bekuwusuku abashada ngalo. Uqhube wathi wonke umuntu omkhombise uthando naye uyamthanda.
“Ngiyabonga futhi ngiyawuthanda umndeni wami wonke nokungilethela izipho usuku nosuku unginakekela. Ngiyaqhubeka futhi nokuthi ngiyabonga, ngibonga angiphezi.”
Iningi lijabulile ezinkundleni ngokubona le ntokazi izikhulumela ibonga uNkulunkulu ngokumnika elinye ithuba empilweni kodwa abanye babuza ukuthi kungani beshuthe ivideo ekubeni ebonakala ukuthi isimo sakhe asikakabi sihle ngokuphelele.
NgoMsombuluko Isolezwe likhulume noyise kaSbahle uSbu Mpisane othe indodakazi yakhe ayisekho esimeni esibucayi. Ubonge uMdali ngokuyisindisa njengoba ehlale amasonto ambalwa egunjini labagula kakhulu iphefumula ngemishini.