ISIHLABANI somculo we-Afro pop uZahara sikhala ngenkampani ebesiqopha kuyo iTS Record ngokuthi idle amandla aso yonke le minyaka singaphansi kwayo.
UZahara usethathela izinyathelo zomthetho iTS Records njengoba ethi imukweleta u-R10 million.
Ukuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto izolo.
UZahara obekhuluma ehefuzela, ugeqe amagula ngokuhlukumezeka athi uhlangabezane nakho ngesikhathi esengaphansi kweTS.
Uthe ufuna ukunekela izwe iqiniso, akanendaba nokufa usekulindele.
Uveze ukuthi ngesikhathi ejoyina i-TS babevumele ngokuthi bazomnikeza u-70% inkampani ithole u-30% wemali yokucula kwakhe emicimbini.
Uthe ubeqashwa ngoR150 000 kodwa anikezwe uR15 000.
“Nawo lo R15 000 ngangiwuthola ngemuva kokubagqogqa. Beziphela izinyanga ezintathu nangaphezulu ngifuna imali. Babengifukuzisa, ngisebenza izimpelasonto zilandelana kodwa bengangiholeli. Eminye imicimbi ngangize ngiyidube ngingayi kuyo ngoba ngicasulwa wukuthi ngeke ngihole,” kusho uZahara
Uthe akaze athole ngisho indibilishi emalini yenkontileka ayisayina neNedbank.
Uqhube wathi ubesizwa imali yama-royalities ukuze akhokhele indlu nemoto.
Kwaleyo mali ukuze ayithole uthe wasizwa ukwelulekwa wuRobbie Malinga, owathi kumele ingene kuye, hhayi kwiTS.
Uthe ubevele afikelwe izinyembezi uma ebona indlela abantu abawuthanda ngawo umculo wakhe kube kukhona abadla amandla akhe.
Ngo-2016 uthe unqume ukushiya kwiTS, wavula inkampani yakhe iZahara Army ngoba esekhathele ukuxhashazwa.
Uthe walandelwa owayeyimenenja yeTS uSanele Dlamini wamnxenxa ukuthi bavule inkampani ndawonye.
“Ngokumetheba ngavuma kanti sengizigwaza ngowami. Ngisanda kuthola ukuthi naye ungigila esifanayo.”
Uthe uthole ngabameli bakhe ukuthi akayona ingxenye yenkampani iMLH ayezitshela ukuthi uyiphethe ngokuhlanganyela noSanele.
Uthe ukhiphe i-albhamu ethi Umgodi ngaphansi kwenkampani kaSanele abazi ukuthi ngeyabo bobabili kodwa akaze athole mali yayo. Uveze ukuthi ngaphansi kweMLH akakaze athole ngisho isenti.
“Nge-albhamu Umgodi, angikaze ngithole lutho eMLH. Ngisho ngiqashiwe bengingatholi lutho.
“Ngisizwe ukuthi ngifune abameli bangibhekela izinkontileka ezithinta umculo wami. Ngithole ukuthi uSanele wangisayinisa inkontileka yokuyocula enza sengathi yinkontileka yebhizinisi. Ngithe uma ngimbuza wathi ubesacabanga ukuthi uzongifaka kuphi,” kusho uZahara eveva intukuthelo.
Umnikazi weTS Records uTK Nciza uthe uZahara uhlushwa wukuthi izinto azimhambelanga kahle ngesikhathi eseqoka ukuzimela.
“Bahlohlana noSanele ukuthi bayovula inkampani. Angazi ukuthi mina ngihlanganaphi ngokuqolana kwabo. Ayikho imali esimkweleta yona. Konke anakho wakuthola esekwiTS,” kusho uTK.
Uthe balindele incwadi evela kubameli bakaZahara kodwa abanalo uvalo ngoba banobufakazi, bokuthi uZahara abamukweleti.
Imizamo yokuthola uSanele ayizange iphumelele.