USEYAZIQHATHULULA amacaleni athinta uBabes Wodumo uyise. UMfundisi Welcome Simelane, ukuveze lokhu emva kwezinsolo zakamuva zokuthi uBabes uvulelwe icala lesibili lokushaya.
Kubikwa ukuthi uBabes, nabanye abangani bakhe abathathu okubalwa kubo omunye umculi weGqom’, uTipcee, bavulelwe icala ngowesifazane esiteshini samaphoyisa eMbilo ngoMsombuluko.
Bamsola ngokupotshoza ama-video amabili agcwele ezinkundleni zokuxhumana aveza uBabes nabangani behlezi kwindawo yezivakashi (guest house) eMbilo bekhuluma ngodaba lwakhe noMampintsha.
FUNDA:
Ngesikhathi ethintwa okokuqala ngempi ethinta uBabes eyenzeka ngoMsombuluko ebusuku, uSimelani uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho ngoba angazi lutho ngakho futhi ngangingekho.”
Esethintwa okwesibili amaphoyisa eseqinisekisile ukuthi indodakazi yakhe ivulelwe icala lokushaya nabanye abathathu, uSimelane uthe umgilwa kumele enze okufanayo nokwenziwe uMampintsha esolwa ngokushaya.
“Uma esevulelwe icala (uBabes) akukho engizokusho. UBabes kumele athole abameli bakhe njengoba kwenze uMandla ebhekene naleli cala. Lokhu kusho ukuthi kumele siluyekele kubameli udaba, akukho okunye engisazokusho,” usho kanje.
ABAZALI bakaBabes Wodumo umfundisi Welcome Simelane nomkakhe uNkk Thokozile Simelane esithangamini sabezindaba ngoLwesibili kulandela ukusabalala kwevideo eveza uBabes eshaywa nguMampintsha. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe likhona icala lokushaya elivulwe ngoLwesibili ngemuva kokuthi ummangali ebatshele ukuthi ushaywe abesifazane abane kodwa bathathu abaziyo. “Uveze ukuthi babebonke eMbilo ngesikhathi ehlelwa yilesi sigameko ngemuva kokungezwani nomunye wesifazane. Abaseshi basaxhumana nabasolwa abangeke babadalule njengamanje.”
FUNDA:
Uthe abasolwa bathe bazobhala izitatimende kubameli babo bese beziletha kubaphenyi.
Imizamo yokuthola uBabes nodadewabo ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
UTipcee naye ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
NgoLwesithathu uBabes uphefumule okokuqala ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana efaka isithombe sakhe noKarabo Mokoena, owabulawa ngesihluku ngonyaka ka-2017 isidumbu sakhe sashiswa ngowayeyisithandwa sakhe.
UBabes ufake lesi sithombe sihambisana nombhalo othi: “ngo=2017 ngalahlekelwa umngani ngenxa yokuhlukunyezwa. Bekungalandela mina, #I’mwalkingaway (ngiyashiya). Bekungalandela mina!! Bekungaba uwena, udadewenu, indodakazi yakho noma umshana wakho...asizona izisulu (zokuhlukunyezwa) singabantu abasindile (behlukunyezwa).”
I could have been next!!This could have been you,your sister,your daughter,your niece.....We are not victims but survivors❤️ pic.twitter.com/gqP1dPjXb5
— Bongekile simelane (@BABESWODUMO) March 6, 2019
Elinye lamaphephandaba esiZulu KwaZulu-Natal ngoLwesine libike ukuthi uBabes usehlukene noMampintsha.