UMSAKAZI obesanda kuqashwa wuKhozi FM, uNonhlanhla ‘Mdonso’ Ngcobo, ushiye isigubhukane kulesi siteshi esilalelwa ngabantu abangaphezu kuka-7 million. Isolezwe lithole ngomthombo ongashayi eceleni ukuthi uMdonso uthathe isinqumo sokushiya ngenxa yengcindezi abeyithola.
UMdonso ubejoyine uKhozi ngo-Ephreli 1 kulo nyaka, esakaza ngokuhlanganyela noZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela, uhlelo lomculo kamaskandi, isigiya ngengoma, ngemiGqibelo. Bebezibiza ngeZimdonso uma sebenza into yabo emoyeni. Ethintwa uMdonso, ukhihle esikaNandi. “Ngisulile ngoba bese ngikhathele ukubekezela. Ngiyazi bajabule-ke ebebefuna ngishiye kulolu hlelo. Abantu bebengalwazi usizi ebengiluthwele ngenxa yokusakaza kulolu hlelo. Bengingakutholi ukuphumula ubusuku nemini ngenxa yezingcingo ebengizithola ngezinombolo ezifihliwe, ngiphoqwa, kuthiwa angisule,” kusho uMdonso. Uthe ubebabikela abaphathi besiteshi ngakho konke obekwenzeka kuye.
“Bengingasakaza kanjani kade ngisatshisiwe ngayizolo? Akekho ongazi ukuthi angifuniseli ngokusakaza kodwa oKhozini bekunzima. Ngiqale ukusatshiswa ngifika, kuthiwa ngiqashwe kanjani kulolu hlelo.”
Umphathisiteshi osabambile oKhozini uNksz Sbongi Ngcobo uthe akakwazi ukuphawula ngoba ubengazi ukuthi uMdonso useshiyile emsakazweni. Kodwa uMdonso ukugcizelele ukuthi incwadi yokwesula uyithumele izolo ekuseni.
Eqhuba uMdonso uthe: “Ngincamela ukuhlupheka kunokuphila le mpilo ebengiyiphila selokhu ngajoyina uKhozi. Ngiyalubonga uKhozi. Ngihlukumezekile ngempela oKhozini, ngingalanyulelwa muntu,” kuchaza uMdonso owaze wamenywa phesheya kwezilwandle ePortugal ngenxa yekhono lokusakaza uhlelo lukamaskandi kuZululand 97.0 FM futhi waklonyeliswa ngendondo yeBest Community Presenter kumaSatma Awards.