AKATHI vu ngesigameko esimehlakalele owesifazane owaziwa ngelikaMbali, okuthiwa umuhluzwe abaculi ababili beqqom’ besifazane baseThekwini, okunguBabes Wodumo noTipcee bebambisene nodadewabo kaBabes uNondumiso.
Lesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko, kuvela ukuthi laba bonke bebesendaweni yokulala eMbilo, okugcinwe kuyo uBabes Wodumo ngemuva kokushaywa uMampintsha lapho behlala khona eWestville, eThekwini.
UMbali kuthiwa usolwa ngokusabalalisa i-video obekubonakala kuyo abesifazane abahlukene, okukhona kubo noTipcee noBabes behleka khona isigameko esibe undaba mlonyeni sokushaywa kukaBabes eshaywa uMampintsha.
Kule video ehlukene kabili kubonakala uBabes eqhamuka, laba besifazane bebuka lolu daba kuthelevishini athi ubesekhathele futhi esebekezele isikhathi eside ehlalele induku.
UMbali ekhuluma neSolezwe uthe njengoba le ndaba isingenwe umndeni wakhe akafuni ukuyikhuluma. “Ngeke ngikhulume ngalesi sigameko, angifuni nje ukukhuluma ngaso.”
Laba bonke kuthiwa bashaye lona wesifazane, bemsola ngokusabalalisa le video ezinkundleni zokuxhumana ekubeni kwaziwa ukuthi uBabes usasesibhedlela ngemuva kokushaywa, usalashwa odokotela. Kuthiwa badinwe bafa sebebona ukuthi isisabalale ezinkundleni zokuxhumana. UMbali kuvela ukuthi uze waya esibhedlela wayoxilongwa njengoba ebelimele kabi.
FUNDA:
Isolezwe lithole ukuthi engalweni ushayeke kabi nasonyaweni ubevuvukele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe likhona icala lokushaya elivulwe ngoLwesibili ngemuva kokuthi ummangali ebatshele ukuthi ushaywe abesifazane abane kodwa kubona bathathu kuphela abaziyo. “Uveze ukuthi babebonke eMbilo wase ehlelwa ilesi sigameko ngemuva kokungezwani nomunye wesifazane. Abaseshi basaxhumana nabasolwa abangeke babadalule njengamanje.”
Uthe abasolwa bathe bazobhala izitatimende kubameli babo bese beziletha kubaphenyi.
Imizamo yokuthola uBabes nodadewabo ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
UTipcee naye ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.