SEKUBUYE kwaqubuka umsindo ngengoma entsha yomculi, uMampintsha, ethi Kukhon’Iyngane Lay’ndlini njengoba sekuqhamuke uDJ waseManguzi, uSanele ‘Lukid’ Ngubane, okhala ezimathonsi ngezinhlamvu athi zintshontshwe eculweni lakhe elithi Asiwon’ Amaphoyisa.
ULukid, oqokwe kumaSouth African Gqom Awards kumunxa weBest Engineer, ukhala ngokuthi kunezinhlamvu zakhe ezithi ‘Asiwona Amaphoyisa Sabalayikhaya,’ athi zintshontshwe engomeni yakhe nguBabes Wodumo.
Echaza uLukid uthe le ngoma yakhe ethi Asiwon’ Amaphoyisa wayenza ngo-2017 futhi Isolezwe NgoMgqibelo lizibonele kuTwitter kunababencoma le ngoma ngawo lo nyaka.
“Ngo-2017 iWest Ink yayifuna abaculi abasha nophrojusa. Mina no-Infektion senza ingoma, sabe sesithatha isinqumo sokwenza i-video yale ngoma maqede sayifaka kuTwitter futhi sabhala negama likaBabes Wodumo.”
Uthe babenzela ukuthi uBabes Wodumo ayizwe le ngoma ukuze abambe iqhaza kuyo noma ayithenge “wayibukela kodwa wangabuyela kithina ezosho ukuthi uyithandile le ngoma. Kunalokho wenza ingoma eyafakwa kwiBlack Panther ethi Wololo, seyenziwe kabusha sekunezinhlamvu zengoma yethu, eziculwa ngu-Infektion, ezithi Ung’bambe Ung’bhasobhe. Sazama ukuxhumana naye ezinkundleni zokuxhumana kodwa wangasiphendula.”
Uthe bashaqekile uma esephinda entshontsha ezinye izinhlamvu zengoma yabo eculweni likaMampintsha. “Ucule izinhlamvu zengoma yami.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaBabes ayiphumelelanga kodwa oyimenenja yakhe, uNondumiso Simelane, uthe akuthintwe umnikazi wengoma uMampintsha ngoba ayihlangene noBabes. “Wena ufonele oWodumo Entertainment ekubeni ingoma kungeyeWest Ink,” kuphetha uNondumiso onqabe waphetha ukuphendula eminye imibuzo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakali uMampintsha.
Yize le ngoma bengayibhalisanga kwaSamro kodwa kuyavela kuTwitter ukuthi yenziwe ngo-2017 nguDJ Lukid kodwa eyoMampintsha noBabes iphume ngesonto eledlule. EyoMampintsha isuse umsindo ngesonto eledlule, kugxekwa ukubonakala kukaBabes noMampintsha ekubeni baze bavulelana amacala besolana ngokuhlukumezana.
Kulindeleke ukuba uMampintsha abuyele eNkantolo ePinetown ngoMeyi 15, ngokushaya uBabes. UBabes nodadewabo uNondumiso noTipcee bazobuyela eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoMeyi 16 ngecala lokushaya.