UYISE kaBabes Wodumo, uMfundisi Welcome Simelane uthi ufuna uMampintsha abhadle ejele ngabonakale ekwenza kwivideo efakwe yilo mculi weGqom’ ekhasini lakhe ku-Instagram ezintatha ngoMsombuluko
.
UMampintsha, ogama lakhe nguMandla Maphumulo, uvela kule video eshaya ngempama uBabes (Bongekile Simelane) ngemuva kwengxabano.
Noma abantu abaningi bezwakalise ukucasuka ngesenzo sikaMampintsha, kuke kwasabalala isitatimende ezinkundleni zokuxhumana siveza ukuthi lokhu bekuhleliwe, okuyinto ayichithile uSimelane.
“Utshela abantu ukuthi ingane yami iyalingisa, wonke umuntu uyabona ukuthi iyashaywa, abamaphepha kumele bayilandele lento, uMandla uhubhuza amanga,” usho kanje.
Akuqondakali ukuthi isitatimende esisabalele ezinkundleni zokuxhumana siqhamuke kuphi kwazise asifakwanga emakhasini ezokuxhumana kaBabes noMampintsha. UDJ Tira, obengumphathi kaMampintsha esakuBig Nuz, naye usichithile lesi sitatimende wathi singamampunge ngemuva kokukhuluma noBabes ngoMsombuluko ekuseni.
USimelane uthe ufuna uMampintsha abhadle ejele ngalesi senzo.
“Ngifuna aye ejele. Ngidinga ukuthi (uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi) uMnuz Mxolisi Kaunda ukuthi angenelele. Ingane yami iyashaywa, ngiyamazi uMandla uzohamba ayokhokhela amaphoyosa,” kusho uSimelane.
Uthe uBabes ulandwe lapho abehlala khona noMampintsha eWestville ngo2.30 ezintatha ngoMsombuluko kulandela ukwaziswa abangani ngevideo abayibone ku-Instagram.
“Amaphoyisa athe asibuye namhlanje (ukuzovula icala), kodwa kungamanga ukuthi ingane yami ibilingisa. Kumele enzeni uMandla ukuze abantu babone ukuthi uzoyibulala indodakazi yami uma amaphoyisa engenzi lutho?” kubuza uSimelane.
Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye uBabes wahlatshwa ngemibuzo ohlelweni lwantambama kuMetro FM umsakazi uMasechaba Ndlovu emtshela ezinhlamvini zamehlo ukuthi uthole ngomthombo wakhe ukuthi uMampintsha wake wamphula umlenze emshaya. UBabes akaziphikanga emsakazweni lezi zinsolo kodwa ngokuhamba kwesikhathi wayihlaba indlela afakwa ngayo ekhoneni ngobudlelwano bakhe noMampintsha kulesi siteshi.
USimelane uthe konke okwavezwa kulolu hlelo kwakuyiqiniso.
“Khulumani noMasechaba, uyalazi iqiniso. UBabes wagonyuluka emndenini, kwakuyiqiniso, kodwa wabuyela kuye (uMampintsha),” usho kanje.