SELIBUYISELWE emaphoyiseni ukuze aqhubeke nophenyo idokodo lecala elavulwa owesifazane, evulela abaculi begqom’ uBabes Wodumo noTipcee, udadewabo kaBabes, uNondumiso nomunye wesifazane ongaziwa.
Icala lavulwa ngemuva kokuthi kuthiwa bashaye owesifazane bemsola ngokusabalalisa i-video eyayibaveza behlezi bephuza utshwala endaweni yokulala okwakugcinwe kuyo uBabes ngemuva kokusabalala kwe-video eshaywa yisoka lakhe uMampintsha. I-video yasabalala ngemuva kokuthi kuvele ukuthi uBabes uyelashwa. Wavela ephila saka kanti abantu abaningi yabashiya bezibuza imibuzo.
Kuvela ukuthi sabacika isenzo sowesifazane sokusabalalisa i-video njengoba sakubeka kwacaca ukuthi umndeni ukhuluma amampunge uma uthi uBabes ulimele.
UNkk Natasha Ramkisson-Kara, okhulumela uphiko lwezokushushisa esifundazweni, uthe idokodo lecala liphindele emaphoyiseni ukuze ayoqhubeka nophenyo.
“Icala siyaqinisekisa ukuthi linikwe umshushisi omkhulu eNkantolo yaseThekwini ukuze alibheke wabe esenxusa ukuthi amaphoyisa aqhubeke nophenyo. Ngakho idokodo selibuyiselwe emaphoyiseni aseMbilo ukuze aqhubeke nophenyo,” kuchaza uNatasha.
UBabes noMampintsha babe undabamlonyeni ngesonto eledlule ngesikhathi ngoMsombuluko ekuseni kuvukwa nge-video ekhombisa uMampintsha eshaya uBabes.
UBabes wavula icala nokuthe ngoLwesibili uMampintsha waya emaphoyiseni wagcina ngokuya eNkantolo yasePinetown wadedelwa ngebheyili kaR2 000. UMampintsha ugcine evulele uBabes icala lokumshaya. Uzobuyela enkantolo ngoMeyi 15.