KUHLOKOME iNingizimu Afrika yonke ngokunqoba kwentokazi echazwa njengenobuhle bendalo base-Afrika, kokaMiss South Africa ngoLwesihlanu ebusuku, eSun Arena eTime Square, ePitoli.
UZozibini Tunzi, waseSidwadweni kuTsolo e-Eastern Cape, ukhale wemuka nesicoco sikazime ngosuku olubalulekile lwabantu besifazane.
Okujabulise iningi labantu ngoZozibini yindlela abukeka ngayo, kwazise unsundu futhi ushaya ngezinwele zemvelo, ezimfushane ezigundwe isiphomoliya.
Ubumqoka kokubukeka kukazime kulo mqhudelwano kungezinye zezinto eziphambili. Esikhathini esiningi kuvame ukuthi izintokazi zingazigqaji ngobu-Afrika kodwa zizenze zibukeke ngendlela yasentshonanga ngokuxhuma izinwele.
Ngemuva kokunqoba uZozibini obegajwe yinjabulo uthe: “Ngingenele lo mncintiswano ngishaya ngezinwele zami zemvelo nokuyinto ekubeka ngokusobala ukuthi ngikholelwa ekwahlulelweni ngendlela efanelekile.
“Ngokuwina kwami nginethemba lokugqugquzela abanye ukuthi bazethembe bangabi ngaphansi kwengcindezi yokuguqula indlela ababukeka ngayo.”
Uqhube wathi ukhule engumuntu onentshisekelo yokwenza okwehlukile nokungaba yingqophamlando empilweni.
“Yize bengingenalo ulwazi lokuthi yini kodwa kuyangijabulisa ukuthi namhlanje ngizokwazi ukuthinta umphakathi ngishintshe okuthile kuwona. Njengoba ngiwine lesi sicoco sikaMiss SA sengizokwazi ukufeza izithembiso osekunesikhathi ngizenza ngenhliziyo.”
Uzichaze njengomuntu ofakwe ugqozi yizimfundiso zabaholi okubalwa kubona uPrincess Diana, Mnuz Nelson Mandela noMnuz Steve Biko.
UZozibini usanda kuphothula izifundo zePublic Relations kanti manje wenza izifundo zeB-Tech in PR eCape Peninsula University of Technology. Uveze ukuthi usebenza e-Ogilvy eKapa.
Ngokuwina uMiss SA uZozibini uthole uR1 million, umklomelo wentengo kaR2 million ohlanganisa imoto iMercedes-Benz, indawo yokuhlala eSandton, umswenko nokunye okuningi.
Ngokunqoba kwakhe usezomela izwe kokaMiss Universe, kuthi olale isibili uSasha-Lee Olivier angenele uMiss World. Umcimbi ubuphethwe uBonang Matheba.
Emcimbini kaMiss SA kunandise uNasty C, Amanda Black, Sho Madjozi noJesse Clegg.
Khona manjalo, iMetro FM izidonsele amanzi ngomsele izolo ekuseni ngokuba nocwaningo obelunxenxa abalaleli ukuba baveze imibono yabo ngoZozibini.
Uhlelo iThe Wkndr olwethulwa nguMoG noBujy Bikwa ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni, lucike abaningi ngokubuza abalaleli ukuthi uZozibini muhle noma cha.
Le mibuzo igxekiwe ezinkundleni zokuxhumana. Abanye babize lo msakazo ngenhlamba embi esuselwe esithweni somzimba somuntu wesifazane nesanda kuxoshisa uDJ Fresh.
IMetro FM igcine ilususile ucwaningo kuTwitter maqede yaxolisa.
Abalesi siteshi bathe umbhalo ufakwe ngaphandle kokugunyazwa yisiteshi.
“IMetro FM ayihambisani nokushiwo yilolu cwaningo. Sesiqale uphenyo lwangaphakathi ngalesi siga. Abayotholakala benecala bazojeza kulandelwe imigudu efanele. Siyaxolisa kuZozibini nasesizweni sonke.”