UNETHEMBA lokuthi abantu bazoyithanda ingoma yakhe entsha ekhuluma ngothando uNathi Mankayi omemezele iGallo Records Company ngoLwesihlanu njengekhaya lakhe elisha asezoqopha kulo.
UNathi ekuqaleni kwenyanga ukhiphe ingoma ethi “Qeqe (Mathandweni)” ezwakale eziteshini zomsakazo.
Ekhuluma ngengoma nokuba yilungu leGallo Music, uthe uzizwa ejabule ngokuba yilungu lomndeni omusha futhi uthemba ukuthi kuningi azokufunda.
“Nimbonile uNkulunkulu ukuthi uyaphila ngemuva kokuphumelela kwami ukukhipha ingoma. Ingoma ngiyisungule ngemuva kokubona uthando ebengilunikwa ngabantu abahlukene ezikhathini ezinzima engibhekane nazo,” kuchaza uNathi.
Uthe abantu basuke bengaqambi amanga uma bethi uthando lunqoba zonke izinto.
“Ngizizwa ngithobekile ngokusekwa engikuthole kuwona wonke umuntu nala ngihamba khona. Ngithatha isikhathi sami sonke ukwenza umculo oyindlela engiyiphilayo.”
Uthe uyathemba abantu bazokujabulela konke azimisele ukukwenza kulo nyaka okuzothinta umculo.
“Njengoba nginekhaya elisha nje manje ngizokhipha i-albhamu ephelele maduze. Isikhathi sasebusika okunzima ukusebenza kuso ngenxa yamakhaza ngeke singivimbe ukufinyelela la ngibheke khona,” kusho uNathi.
UNathi wazakhela igama kuleli ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Buyelekhaya nangengoma eyayidumile ethi Nomvula.