UNALEDI Aphiwe noCiCi bakhiphe ingoma evusa umunyu esihloko sithi Amen
Image: FACEBOOK/CICI
EMUVA kokushiywa wunina esemncane ngokuzibulala, uNaledi Aphiwe Myongwane, ubhoboke ngabo bonke ubuhlungu adlule kubo engomeni ayicula ngokuhlanganyela nomculi weR&B, uBusisiwe "CiCi" Thwala, esihloko sithi Amen.
Kule ngoma enezinsimbi ezinomunyu, uNaledi (18) uzwakala ethi "Mama kubuhlungu ukusuka kwakho emehlweni ami mama. Kodwa ngizizwa ngibusisekile ngawe noma ungasekho emehlweni ami. Ngifisa nokuboleka ifoni yaseZulwini, nami ngike ngizame ukufonela uMdali ukuze ngithole ithuba lokuxoxa nawe. Mama kuningi okusemoyeni. Bengiphukile nokukhanya ngingasakuboni. Manje ngicula u-Amen. Baba ngiyabonga."
Echaza ngale ngoma uNaledi, uthe isho lukhulu kuye ngoba iveza imizwa yakhe ngendlela azizwa ngayo ngokushiywa wunina emhlabeni eminyakeni emithathu eyedlule.
Ekhuluma kwiPhi Podcasting, uNaledi Aphiwe uthe unina, uLindiwe Khumalo, wazibulala ngo-2022 yena eneminyaka ewu-15 futhi efunda uGrade 10 eKhethokuhle Secondary eNanda.
"Kwathi sibuya esikoleni safika sekuthiwa akasekho emhlabeni," kusho uNaledi.
Emuva kwalesi sigameko wenza i-video ecula ingoma kaBig Zulu ethi, Ubaba Ulala Nami kanti izobonwa wumculi odume umhlaba wonke uChris Brown, oyenze kabusha wayibiza ngeShooter kwi-albhamu yakhe ethi 11:11.
Kusukela lapho uNaledi akabange esabheka emuva njengoba ekhiphe ingoma ewunqambothi ethi Ngiyabonga. Uwole izindondo kumaBasadi In Music Awards kwiBest Afro pop of the Year, ehlula uKelly Khumalo nakwiBriefly Entertainment Awards kanye nakumaMetro FM Music Awards.
Leli culo alenze noCiCi futhi elizotholakala kwi-albhamu kaCiCi ethi Busisiwe 2.0, seligengqeleza phambili ezitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kwiSpotify emuva kokuba iphume ngoLwesibili.
UNaledi uthe kuye igcagcele esokeni ngoba uCiCi wumculi akhule emlalela esemncane futhi usefana nonina endimeni yomculo.
UNALEDI Aphiwe noCiCi abakjhiphe ulozolo lwengoma evusa umunyu ethi Amen
Image: FACEBOOK/CICI
Related Topics: