Ezokungcebeleka

UNaima Kay uzogubha usuku lokuzalwa nabalandeli bakhe

Charles Khuzwayo|Published

U-NAIMA Kay uzogubha usuku lokuzalwa ngeSonto

Image: SITHUNYELWE

UMCULI we-Afro soul, uLungile "Naima Kay" Khumalo, uzogubha iminyaka engu-33 azalwa nabalandeli bakhe kwiSoul Sunday Lifestyle e-One Restaurant & Lounge eGlenwood, eThekwini, ngeSonto kusukela ngo-2 ntambama.

UNaima Kay ubonge uMdali ngokuthi kufike lo nyaka esangumqemane futhi esenza into ayithandayo.

"Kusukela ngo-2013, ngesikhathi ngiqala ukuduma, ngangazi ukuthi kunento enamandla enginayo endimeni. Ngakho ayikho indlela engcono njengokugubha nabalandeli bami abangisekele kusukela ngosuku lokuqala," kusho uNaima odume ngamanoni athi Lelilanga, Thando nelithi Umoya.

Uthe izingoma zakhe zikhuluma ngempilo yakhe nangamaqiniso ngempilo jikelele.

"Ngifuna umyalezo eziwuqukethe welaphe futhi uhambisane nesikhathi abantu abakuso njengoba kulezi zinsuku abantu abaningi bebhekene nezingqinamba emoyeni, enyameni nasemqondweni. Umculo kufanele uthinte inhliziyo."

Kulo mcimbi uNaima Kay uzobe eshiyelana inkundla nomculi weR&B oza kabi uSihle Linda, umsakazi weVuma FM uBongani Mtolo noNkosiyazi Makwakwa neBlended SA.

UGift Dlamini uzobe edweba bukhoma. Kulo nyaka iSoul Sunday igubha iminyaka emihlanu yasungulwa ngenhloso yokuthokozisa abantu abathanda impilo esezingeni.

Kulo mcimbi oqala ngo-2 emini kuze kushaye u-10 ebusuku kungenwa ngoR350 (obandakanya ukudla okuhlukaniswe izigaba ezintathu).

 

UNAIMA Kay uzogubha usuku lokuzalwa nabalandeli bakhe emcimbini oseGlenwood

Image: SIGCINIWE

NAIMA KAY

Image: SIGCINIWE