UMA ngingena enkundleni yokuxhumana iTwitter ngibhala igama likaNaima Kay, kuvela inqwaba yemiphumela. Abanye babhala ngezingoma zakhe abazidlalayo kanti kukhona abaphawula nangaye uqobo.
Omunye uyabuza ukuthi kwenzekani kuye.
Kukhona othi akaneme ngendlela okwenzeka ngayo emculweni wakhe ngoba wayethembisa.
“Bake bakusho lokho ukuthi nje kumele ngabe ngile kude. Ngiyakuthanda lokho futhi ngiyakujabulela ukukuzwa ngoba kuyakhombisa ukuthi bangifisela okuhle kodwa,” kusho uNaima Kay.
“Mina ngingathi yonke into inesikhathi sayo. Ngeke ngize ngisole lapho engikhona njengamanje, ngiyazi ukuthi kukhona okunye engibekelwe khona kodwa la engikhona manje kuhle, kumele vele ngibe khona kodwa ngiyazi ukuthi kukhona okuzayo. Ngeke ngize ngigcine la.”
UNaima, ozalwe wethiwa uLungile Khumalo ePort Shepstone, ubekhuluma naleli phephandaba ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nalo.
Lo mculi uqale ukugqama ngo-2013 ngesikhathi ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Umsebenzi anqoba ngayo umklomelo weBest Newcomer kumaSouth African Music Awards.
Ube eselandelisa ngamanye ama-albhamu amabili ethi Ngiyavuma ngo-2014 ngaphambi kokukhipha ethi All About Love ngo-2016.
“Ngajabula ngesikhathi ngikhipha i-albhamu yami. Ngizwa ingoma yami okokuqala emsakazweni ngingasekhaya nginogogo. Sajabula kwangathi kungene imali. Ngakhipha eyesibili ngokushesha ngoba sasingafuni ukubambezela abantu. Babengitshela ukuthi umculo wami ukhuluma nabo futhi nami ngangibhalela ukubagqugquzela.”
Uthe wayengakaze azitshele ukuthi angaba wusaziwayo ngenxa yesimo akhula ngaphansi kwaso. Wakhuliswa wuninakhulu ngemuva kokushona kwabazali bakhe.
“Ugogo wayesenzela konke yize siba khona isikhala somzali. Saseneliswa esikutholayo futhi ngangingafuni ukuziqhathanisa nezinye izingane.”
Uthe ngemuva kokuqeda umatric eNgwemabala Comprehensive High ngo-2008, wasebenza ePosini ngoba uninakhulu wayethi ufuna basebenze.
Wasebenza unyaka owodwa ngaphambi kokuhlangana noMdu Ngcobo, ophethe inkampani iTouch Africa Records, owamuzwa ecula emcimbini Ugu Jazz Festival wabe esemsayinisa.
Uthe kumanje impilo yakhe igxile emculweni ngoba akukho okunye akwenzayo ngaphandle kwawo. Uthe njengoba ebengakhiphi nje, yingoba usiza abanye abaculi aqopha nabo enkampanini okunguLasandra, umfowabo uDJ Sammy K noPrince M.
“Nami ngimatasa ne-albhamu yami. Sengenze cishe izingoma eziyisishiyagalombili futhi isikhona eyodwa esemsakazweni ethi, Soka Lami. Kwi-albhamu ngisebenze noMondli Ngcobo, Siphiwe Jula, Nathi Mankayi nabanye.”
Uthe uma engasebenzi uphila impilo eyejwayelekile.
“Ekuseni ngivuka ngilalele umsakazo. Ngiyazihlalela ngingaziphaquli ngibuke ithelevishini ngoba ngiyayithanda. Ngiyaphuma nabangani bami. Nginabangani abaningi, abanye baze bakhale ukuthi angisitholi isikhathi nabo.”
UNaima uthe kukhulu asafuna ukukuzuza njengokusabalala kwamanye amazwe e-Afrika naphesheya kwezilwandle.