Ezokungcebeleka

Umyeni usentshontshana nosisi wami esihlala naye

MO NO-PHINDI|Published

UMBUZO: Ngingowesifazane oneminyaka ewu-25, ngenxa yokuphelelwa umsebenzi ngonyaka odlule sigcine sesihlala emzini kadadewethu sinomyeni wami nabantwana bethu ababili. Konke bekuhamba kahle ngaphambi kokuthola ukuthi kanti umyeni wami usethandana nosisi wami. Angazi ngenzenjani ngoba siyamdinga usisi wami njengoba kunguye yedwa nje osebenzayo endlini kodwa futhi ngiyazibuza ukuthi ngumuntu onjani ongenza le nto ayenzile kumuntu azalwa naye. Angazi ukuthi ngenzenjani. Ngihambe noma ngihlale ukwenzela abantwana nomyeni ongasebenzi? Ngenzenjani ngempela?

Igama ligodliwe, eThekwini

Impendulo:

Okwenziwe udadewenu nomyeni wakho kuyihlazo elikhulu. Yibona bantu okumele engabe ubathemba ngempilo yakho yonke kodwa bazokuphoxa ngale ndlela. Hlukana nokuzisola ngokwenzekile. Yibona abantu okumele bazisole. Kababona abantu bokuthenjwa nhlobo. Asizwa ukuthi uthini ngomyeni wakho naye onesandla kule nto. Umuntu onjani ngempela othi uzama ukusiza yena nabantwana benu yena enze ngale ndlela? Sibona kungumqondo omuhle ukufuna enye indawo ongakhulisa izingane kuyo. Mhlawumbe zikhona nezinye izihlobo ongakhalela kuzona. Siyazi ukuthi awusebenzi kodwa sibona kungcono ukuzama enye indlela yokuphila kuna le. Awumdingi umuntu onje ongakuseki kodwa osethandana nomuntu wakini - akubona ubuntu lokhu akwenzile. Nodadewenu akakhombisanga ukuthi niyigazi. Udinga ukuba nesikhathi kude nabo uke uzilaphe.

Umbuzo:

Emasontweni amabili adlule ngithole ukuthi isoka lami leminyaka eyisithupha likhulelise intombazane ena-22 esisonta nayo. Isoka lami lina-37 kanti mina ngina-35. Ngaphambi kokuthola le ndaba, ngiqale ngabona sengathi kunokushintsha okukhona kuyena. Bekungathi kukhona okumkhathazayo. Uma ngimbuza ubethi ukhathazwe ibhizinisi lakhe elingahambi ngendlela.

Inhliziyo yami ibuhlungu ngale ndlela yokuthi angazi nokuthi ngenzenjani. Kumanje uzama ukungishayela ucingo angilubambi, ungithumelela namaSMS engivele ngiwazibe. Ngizombhekelwa ubani nje ngempela lo mntwana wasesontweni uma sibonana? Lona isoka lami ngiqhubeka kanjani nalo emva kwako konke lokhu angifake kukona? Ngicela usizo ukuze ngikwazi ukubhekana nalolu sizi.

Nomah, eThekwini

Impendulo:

Ibuhlungu ngempela le ekuvelele. Kodwa noma kubuhlungu kanjalo unomsebenzi wokubhekana nesimo sakho. Ngakho sibona kungumqondo omuhle ukuthi noma kungathiwa udinwe kanjani kodwa zinike isikhathi sokuthi nilukhulume lolu daba. Kubalulekile ukwazi ukuthi yini ngempela emholele ekutheni aze akhulelise ngaphandle emva kwesikhathi esingaka nindawonye. Nokuthi wazi ukuthi uzimisele ngani nalona okhulelwe. Kubalulekile ukwazi ukuthi basathandana yini noma cha ukuze ubone ukuthi kusekhona yini okusengalunga phakathi kwenu nobabili. Empeleni ukukhulelisa kwakhe ngaphandle kuchaza ukuthi usezikhethele la efuna ukuba khona. Kubuhlungu kakhulu nokuthi ngumuntu omaziyo lo amkhulelisile kodwa akukho ongakwenza ngaphandle kokuthi uqine ubhekane nesimo njengoba sinjalo. Kuzomele liphumele obala isoka lakho ngokuthi lizimisele ngani. Ngeke nibe sempilweni yakhe nobabili. Ngeshwa kuzomele akhethe uma kungukuthi nawe usazimisele ngaye noma esekhombise izimpawu zokungathembeki. Sikufisela inhlanhla!

Umbuzo:

Ngishonelwe umyeni ngonyaka odlule. Namanje kusenzima ukudlulisa indlela abantu abakude nabaseduze abebengiphethe ngayo. Bengizizwa ngingedwa futhi abantu obekumele babe seduze kwami behambela kude nami.

Empeleni ngagcina ngingasazi ukuthi ngenzenjani ngoba yilowo nalowo unendlela yakhe ubona ukuthi kumele ngiphile noma ngiziphathe ngayo njengomfelokazi. Kukho konke lokhu akekho umuntu obeke angibuze mina ukuthi ngifunani nokuthi ngizizwa kanjani. Sekuphele unyaka engasekho umyeni wami kodwa ima ngizizwa ngifikelwa ulaka nokucasuka. Ngenzenjani ukuze ngikhohlwe yiyo yonke lento engidlule kuyona?

Igama ligodliwe, eGoli

Impendulo:

Ukushonelwa umuntu omthandayo kuyinto enzima kakhulu kuwena oshonelwe nalaba abaseduze kwakho. Ngakho kubaluleke kakhulu ukuthi uvuleleke kulaba abasondelene nawe ukuze bazi ukuthi uzizwa kanjani. Ngeke kube lula ukuvuleleka kulaba abakude nawe kodwa enza isiqiniseko sokuthi abaseduze kwakho bayazi ukuthi yini ofisa bayenze noma bakwenzele yona.

Sithumele imibuzo yakho ku:

[email protected]

Nisilandele ku Mo&Phindi kuFacebook naku-Instagram