Umndeni nabangani bahlanganyele eSandton eGoli enkonzweni yomngcwabo kaRichado Riky Rick Makhado.
Usingababa wakhe ubonge abezindaba, kanye neNingizimu Afrika yonkana ngokubahlonipha bewumndeni ngokubanika isikhathi sokuzilela indodana yabo.
Uthi ezinsukwini ezingu-11 ngaphambi kokuba adlule emhlabeni, uRiky Rick waba nengxoxo naye ngezinto ezimbalwa ayefuna ukumbonga ngazo. Ubaba wakhe uthi wamtshela ukuthi asikho isidingo ngoba konke abakwenzayo njegabazali bakwenzela bona.
Ubaba wakhe uthe ubonga indodana yakhe ngokushumayela umlayezo wothando, ukubambisana, nobulungiswa empilweni nasemsebenzini wakhe.
Uthe ubonga ngesibindi sokuphumela obala ngezinkinga nokuxineka kwakhe ukubonisa nabanye abasesimweni esifanayo ukuba bakwazi ukubhekana nakho ngaphandle kokuzenyeza,” kusho ubaba wakhe.
“Ngiyabonga nokuthi wangisiza ngadlulisa ukufa kukamama wami owathatha umphefulo wakhe naye eminyakeni engu-40 eyedlule. Nami ngiyathemba ukuthi ngimsizile ukudlulisa ukufa kabuhlungu kukababa wakhe,” kuqhubeka yena.
Sigcina ukukhuluma, waveza ukuthi ufuna ukwehlisa umthamo womsebenzi awenzayo, wathi yena noBianca bakahle, kodwa bafuna ukwehlisa kancane umsebenzi. “Ngeke ngibe nehaba njengawe pops ngiyohlala eYoeville.”
Ubabakhe uthe akubonga kakhulu ukuthi umnike ithuba lokumbiza ngendodana, naye wayembiza ethi, pops.
Umama wakhe ombiza ngoMaRiky uthi yize amazwi engasho lutho njengamanje ngoba akasakhonjwa ngokuthi uyilokhu nalokhu, noma ulapha nalaphaya kodwa useyikho konke njengoba engasekho.
“Ngicela ukukubonga ngethuba lokuba umama wakho, ngibonge nesifundo ngisifundile ngokuba nozwela kwakho. Ngifuna uphumule manje, uqhubeke nenkululeko yakho. Umama wakhe uthi izingane zakhe zizoba kahle, zizothandwa futhi zizoholwa kahle nangendlela ababonise ngayo.
Riky Rick's friend and business partner SHELDON shares a little story about boss Zonke PART 1 😭![CDATA[]]>😭![CDATA[]]>😭![CDATA[]]>😭
— 𓃵 (@Biophonlk) March 1, 2022
.
.
.
.
.
.#RIPRickyRick Cass stay shining king kotini we multiply Ciara Ekurhuleni Witchcraft "Rikhado Makhado" #RikyRickfuneral pic.twitter.com/5anJBu2Xc2
" Loyiso's performance 🥺![CDATA[]]>🥺![CDATA[]]>🔥![CDATA[]]>🔥![CDATA[]]>🔥❤❤ the message behind it ❤🥺" #RIPRickyRick
— TAILORMAN | PULE | 😎 (@TpwearApparel) March 1, 2022
Rest Easy Rikhado Makhado ❤🕊 pic.twitter.com/ykvompJn2V