UMCULI kamaskandi uMthandeni Manqele uthe uyamxolela uZimiphi “Zimdollar” Biyela ngokumphuca umbhobho amthuke esiteji emcimbini i-Mother of All Maskandi Festival ebisePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo.
UMthandeni ungene esiteji wathi evumisa izethameli ingoma kwakhona owesilisa okungathi umtshela ukuthi akaphume.
“Bafowethu isiphelile i-airtime, basho njalo abahleli bomcimbi,” kusho uMthandeni.
Uthe esachaza kwaqhamuka uZimdollar ovele wamphuca umbhobho wathi “fus%$i!”
Abantu bavele bajikijela esiteji izigubhu namabhodlela.
UZimdollar uchazile esiteji, wathi ngokwesikhathi abenikezwe sona bekungamele angene sekuqale i-Top 30 yabaculi abebesembangweni weToyota Quantum egcine iwinwa wuGatsheni ngamavoti amaningi abethunyelwa ngama-SMS.
“Noma ningasishaya, noma ningenzani angifuni mina ukonelwa umcimbi wumuntu ongasigcinanga isikhathi. Fu%$i wena!” kusho uZimdollar.
Lo msakazi uphinde wenza i-video kuTikTok lapho ethe lo mculi ubezongena ngo-7 esiteji kodwa wangasigcina isikhathi elokhu ethi useduze.
Uthe ufike ngo-9.30, watshelwa ukuthi ngeke esakwazi ukucula ngoba umncintiswano ubusuqalile.
Uthe bangene ngenkani esiteji. Uthe akamzondi ngoba ukhulele kuye ngoba uye owenza adlalwe kuKhozi FM.
“Ngiyavuma mhlawumbe ngonile ukuthi F%, ukuthi benginyanyile. Ngiyaxolisa-ke ngokumthuka kodwa benginyanyile. Angifuni mina umfana angigibele ekhanda,” kusho uZimdollar.
UMthandeni utshele leli phephandaba ukuthi ufike sekwedlule isikhathi ngemizuzu engu-30.
“U-60 kuya ku-70% wabantu bebeze kimi ngoba ngiwumakethile umcimbi. Ngisho ungathi ngidlala ngo-7 kodwa kuyenzeka ufike emcimbini kuthiwa angidlale ngo-9, yinto ejwayelekile,” kusho uMthandeni.
Uthe uzwe kudlala ingoma yakhe ngemuva kokwethulwa ngabaphathi bohlelo wangena esiteji evunule.
“Ngizwe ngo-stage manager engihlebela ukuthi angiphume ngathi angehlele ngezansi. Ngizwe sengifusegiswa. Bengithi yindoda kanti wumuntu wekhekhe ngase ngifihla izandla ngaphuma ngenhlonipho. Ngifice kunamaphoyisa ekake imoto yami ngabona ukuthi bengicushiwe, bebefuna ngihluthuke,” kuchaza yena.
Uthe uyamxolisela uZimdollar kubantu besilisa nakuZulu wonke ngoba uwuthuke wonke kwazise ungene esiteji edlubhe imvunulo yakwaZulu.
“Umfazi athi *^&% siyajivazeka sonke singabantu besilisa. Ngiyamxolisela. Ubewumbimbi olungibophele amanqina enyathi. Ngimenyeziwe angiziyelanga esiteji. Amampunge abewakhuluma ubesacasukile ngoba ubesethukwa ezinkundleni zokuxhumana nomcimbi uphazamiseka abantu bephosa. Ngiyawukhuza lowo mkhuba ukuthi abalandeli bengahluthuki baphose esiteji. Akuyona yonke imicimbi engizohlonishwa kuyo. Ngilandelwa amandla ami, hhayi ngoba bengidinga abahleli. UZimdollar ngimxolisela noma engaxolisanga kimi. Ungithuke ngibhince imvunulo.”
Uthe akasiboni isidingo sokuhlangana naye ngoba uyamxolela.
“Ngeke ngenze izitori ngithi ngiyokhumelana umlotha nomuntu wesifazane. Okwami ukuthatha izihlangu zami ngizibambe ziqine. Ngiyamxolisela esizweni sonke nakubantu ngoba ungithuke ngibhincile. Ngikhuza umkhuba wabantu abebejikijela amakani. Ngokuzayo abokwehlisa umoya. Ngisazochukuluzwa futhi ngokuzayo kodwa ngithi abangawoni umcimbi ngoba kuzothiwa nginabalandeli abayizixhwanguxhwangu. Uma benza uhlelo lokuthi usisi ezoxolisa akunankinga. Engafika ezoxolisa eMdletsheni, izivakashi siyazemukela.”