KUXABENE ubendle emsakazweni iRadio 2000 kubangwa ukuxoshwa kwentandokazi yomsakazi wohlelo iPlanet Haaibo, uJustice "Just Ice" Ramohlola okuthiwa ngeke esabuya emuva kwezinguquko ezizokwenzeka.
Uhlelo lwakhe lungena ekuseni ngo-6 kuya ku-9 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu futhi luthandwa kakhulu abalaleli besiteshi.
Umthombo ongaphakathi ozazi zonke ezakhona, uthi sekuvele kuxoxiwe noPhat Joe ukuthi angene endaweni yoqweqwe olunguJust Ice.
“Yonke into isiphothuliwe...noPhat Joe useyazi ukuthi uzongena ohlelweni lukaJust Ice,” kusho umthombo. Uthe ngisho abanye abasakazi abeneme ngalesi sinqumo.
Uthi umsindo ususwe wukuthi baningi abaziyo ukuthi konke lokhu kungenxa yokuthi uJust Ice akezwani nomphathi wezinhlelo.
"Kuxabene uJust Ice nomphathi wezinhlelo. Akucaci kahle ukuthi yini ebangwayo kodwa indaba isuswe yi-email eyathunyelwa umphathi kuJust Ice. Usebenzisa amandla akhe okuba wumphathi. Njengoba emxosha nje usaqhuba yona impi yabo," kusho umthombo
Uthe umphathi wezinhlelo uthi isizathu sokususa lo msakazi ukuthi isiteshi sidinga omunye onamava ozokwazi ukudlisela ogageni izimbangi zabo kwezinye iziteshi.
Uveze nokuthi uPhat Joe ungumngani omkhulu womphathi wezinhlelo.
Kuthiwa lolu daba ngendlela olusinda ngayo umphathisiteshi usevele wathatha ikhefu emsebenzini ngenxa yokuthi lumphathisa ngekhanda.
Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu uthe abayikhulumeli eziko indaba yezinguquko emsakazweni yabo kodwa kuyokhishwa uhlu ngokusemthethweni uma sekuphothulwe konke.
"IRadio 2000 ibingakakhiphi uhlu lwayo, ngakho ke kuzoba nzima ukuphawula ngento enjalo.
Ngeke ngisho nokuthi luzokhishwa nini ngoba yonke into ayikaphothulwa. Kuzoya ngokuthi kuqedwa nini izindaba zezinkontileka zabasakazi," kuchaza Vuyo.
Akuveli ukuthi uJust Ice kukhona uhlelo azophonswa kulona, okungasho ukuthi kuphelile ngaye kuRadio 2000.
Abalandeli bakaJust Ice bayaveva ekhasini labo. Basabisa nangokuwuduba lo msakazo abathi udicilela phansi amava kaJust Ice.
Bathi kuzona zonke izinhlelo ezikuwona, alukho uhlelo olunesasasa futhi oluthandwa njengohlelo iPlanet Haaibo eyethulwa wuJust Ice.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaPhat Joe noJust Ice igcine iphunzile.