KUSUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto kulandela ukuthi uSuge Knight Jr edalule ukuthi isihlabani somculi we-rap uTupac Shakur siyaphila.
USuge Knight Jr uzalwa ngumnikazi wenkampani okwakuqopha kuyona uTupac Shakur iDeath Row uMarion Suge Knight nowayeshayela imoto ashonela kuyona lo mculi.
Isigameko sokushona kukaTupac esenzeka eLas Vegas Boulevard ngoSeptember 1996 sashaqisa abaningi kanti namanje luseyimpicabadala njengoba kungakaze kuboshwe muntu ngakho.
UKnight Jr uthe uTupac akashonanga ngobusuku adutshulwa ngabo ehamba noyise. Kunalokho wathathwa wayohlaliswa eMalaysia nokuyilapho eziphilela khona kamnandi. Ufake izithombe abethi ngezalo mculi ethi zingubufakazi bokuthi uTupac usadla anhlamvana.