KUNGAKAPHOLI maseko isilomo somculi wekwaito sehlukene nesoka laso, sesithole uthando kumdlali webhola ogijima kuMamelodi Sundowns.
UMshoza, igama lakhe langempela uNomasonto Maswanganyi, kuthiwa usekipite no-Anele Ngcongca.
Kuthiwa bobabili babhukuda esizibeni sothando. UNgcongca uke wadlalela iRacing Genk yaseBelgium neTroyes AC yaseFrance. UMshoza kulo nyaka wehlukane nesoka lakhe ebelimthembise umshado uThuthukani Mvula elamsola ngokujola.
Ngesikhathi behlukana isimo sashuba kangangoba uMvula waze wangqongqisa amadilozi kanokusho alentokazi. Kuthiwa uMvula ungumacaphunakusale uMshoza ubengaludli olubabayo kuye.
Ethintwa uMshoza ngalezi zindaba uvele waphela yinsini, wathi akukhulunywe nemenenja yakhe ngoba yena ngeke asho lutho ngalolu daba. Uthe akafuni ukuphika futhi akavumi kodwa ucela ukushayiswa ngomoya.
Imenenja kaMshoza, uKeke Mokoena, ukuqinisekisile ukuthi uMshoza kade wasigaxa ucu isitobha seSundowns esike saba ukapteni weBafana Bafana futhi izinto zabo zihamba kahle.
Ucele kuhlonishwe lokho banikwe ithuba bathandane.
“Asithandi ukuthi le ndaba yande kakhulu emaphepheni kodwa bona bajabule bandla izinto zimnandi impela. Abafuni nokuyiphatha nje eyezinto ezenzeke kuMshoza esezadlula kodwa banake uthando lwabo manje," kusho uKeke.
UMshoza usebhadeke izithombe zalo mdlali ezimbili ku-Instagram wakhe.
Umthombo osondelene noMshoza uthe le ntokazi yehluleka ngisho ukuzibamba ngokuqoma lo mdlali futhi ayibange isachitha sikhathi yatshela umndeni wayo ukuthi isiyahlanya ngoNgcongca. Kuvela nokuthi akasapheli nasemidlalweni yeSundowns ngoba usuke efuna ukuyozibonela isoka lakhe ligijima enkundleni.
“Awu usho uMshoza noNgcongca kade beqalile ukujola futhi sebehlala ndawonye eGoli ekhaya lakhe lo mdlali. Sengathi imindeni yabo ikujabulele ukuthandana kwabo futhi ukhona umoyana wokuthi bangagcina bexoxa eyomshado ngoba luyavutha uthando," kusho umthombo olwazi kahle udaba ovulelana isifuba noMshoza.
UNgcongca odabuka eKapa, uke wawukudla kwebhentshi kwiDowns yize eselithola manje ijezi.