NGIKE ngabuka uhlelo lwakuM-Net iCarte Blanche lapho kwakuvela khona odokotela abasebenza esibhedlela sikahulumeni eNgwelezane.
Kwakuthiwa basebenza amahora amade, kwesinye isikhathi aze abe ngaphezulu kwangu-48. Uma bethola isikhashana, bayaquba kodwa kumele ucingo lube seduze ukuze kuthi uma beshayelwa basheshe batholakale. Ulimi abalusebenzisayo bathi uma umuntu esemsebenzini kodwa esathole ithuba lokuphumula usuke e“on call”.
Naphezu kobunzima bomsebenzi wabo kodwa bayawuthanda ngoba kuwukubeka impilo yabantu phambili futhi basebenzela umphakathi.
Ngikholwa wukuthi nomsebenzi wokusakaza kufanele ufaniswe nowalabo dokotela, kungabi nje wumsebenzi wokwenza imali.
Umuntu ofuna ukungena ekusakazeni kumele kube ngonothando lokusebenzela umphakathi ngoba kumele uwazise izindaba ezisematheni, uwufundise futhi uwujabulise.
Nomsakazi kumele ahlale e “on call”. Phela uma ungumsakazi kumele uhlale ucabanga izinto ezintsha ozozitshela abalaleli. Khumbula ukuthi lapho uncintisana nethelevishini nezinkundla zokuxhumana lapho izindaba zisatshalaliswa ngokushesha.
Akubi mnandi ukuzwa emsakazweni bekuphindela indaba endala. Amathimba ezindaba anawo lo mkhuba wokuphindaphinda izindaba ezizodwa ngaso sonke isikhathi lize liyoshona ilanga.
Uma ufuna ukuphinda udaba, ungakwenza lokho uma sekukhona okusha ofuna ukukutshela umlaleli.
Uma ungumsakazi uhlala usemsebenzini ucabanga ukuthi kusasa uzofike uthini ohlelweni lwakho. Awusebenzi kuphela uma usemoyeni.
Hhayi ukuthi kumele ulinde umdidiyeli akuhlelele bese ufika sekusele amanenjane ungene emoyeni ufunde. Uma uhlelo lungashayi emhloleni kumlaleli akujwayelekile ukuthi abheke umdidiyeli kodwa iminwe ikhomba umsakazi.
Yingakho ngibuye ngingayithandisisi kahle nenkulumo kaKhathide “Tshatha” Ngobe woKhozi FM uma esethi asimbongise ngokuthi usebenza amahora amathathu kuphela bese eyagoduka.
Yiphutha elibi lelo ngoba uma engekho emoyeni kumele ahambele izindawo, afunde amaphephandaba, abuke ithelevishini nokunye ukuze ezobona ukuthi abantu bathandani noma yini ebathintayo abangakhuluma ngayo bese ebonisana nomdidiyeli wohlelo.
Uhlelo wolwabo bobabili nomdidiyeli, akulona olomsakazi futhi akulona olomdidiyeli yedwa. Umsakazi ofika esezongena emoyeni umuzwa ngokulokhu efuna ukufunda okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana ngoba akanakho akuphethe. Ngeke kuhlale nezinto ezenzekile okukhulunywa ngazo kodwa kwesinye isikhathi kudingeka ubuchule bomsakazi nomdidiyeli ukuqhamuka nokuzothokozelwa ngabantu ngohlelo lwabo.
Ungangibhalela [email protected] noma ku-@fanelebengu ku-Instagram nakuTiwtter.