UKHONJWA kuMuvhango wakuSABC2 umsakazi weVuma FM uZukiswa Vutela.
UZukiswa owethula uhlelo olungena ngoMgqibelo nangoSonto ngo-2 ntambama kuya ku-6 ebusuku i-Iconic Weekend nolugxila emculweni weR&B yamzukwana, useqalile ukuqopha iziqephu kuMuvhango.
Ethintwa ngalokhu ukuqinisekile waveza nokuthi uzodlala engumsizi wasendlini endlunkulu kwaMukwevho.
“Ngizodlala ngingumsizi wasendlini uDaisy othanda ukukhuluma kakhulu isiNgisi. Kuningi okuzomthokozisa umbukeli ngendawo engizoyidlala ngoba izophinda ithinte nezihloko eziningi ezimayelana nabasizi basendlini,” kusho uZukiswa.
Mayelana nosuku azoqala ngalo ukubonakala kuthelevishini uthe ucela ababukeli balokhu bewubukile nje umdlalo bazobona konke sekwenzeka.
Uthe ngumdlalo wokuqala lo omkhulu azoba kuwona kanti uzokwenza konke okusemandleni ukugcina umbukeli ngenxa yokuthi uzokhipha lonke ikhono ukuze ahlabeke umxhwele.
Ezobuciko azizintsha kuZukiswa njengoba engomunye wosonkondlo abavame ukuhaya ezigcawini zabo aphinde abe ngumlobi.
Phezu kokuba engumuntu omatasa ngenxa yomsebenzi wakhe wokusakaza, owezokukhangisa nowakamuva wokulingisa uthe ngeke aphazamiseke ngenxa yokuthi konke ukuhlele kahle nabaphathi bakhe.
Uke waba ngumsakazi weGagasi FM lapho ayedume ngelikaZookey Zarling.