ISIMOMONDIYA somsakazi weGagasi FM, uNonkululeko ‘DJ Lesoul’ Mdlalose, sithi sesikhathele ukuba yimpohlwa kodwa sesifuna umaqondana.
ULesoul (27), owenza uhlelo oluthi Noma Yini phakathi nezinsuku ngo-12 emini, uthe usekulungele ukungena emshadweni nokuba nezingane nendoda ezowuqonda umsebenzi wakhe.
ULesoul (27), uthe ube nalo isoka kodwa usehlukene nalo. “Ngihlukane nalo ngoDisemba nyakenye. Yimi owathatha isinqumo sokuba ngihlukane nalo ngenxa yokuthi lase likhala ngokuhlala ngimatasatasa.
“Ngangingasenaso isikhathi salo ekubeni lona lalifuna ngilinake. Yize ngangilithanda kodwa kumina umsebenzi uhamba phambili.”
Uthe indoda emdingayo kufanele yazi ukuthi yena uwumuntu osebenza kanzima.
“Ngisengedwa okwamanje kodwa ngiyatholakala. Ofuna ukungishada kufanele azi ukuthi ngiwumuntu osebenzela ekhaya. Angimdingi umuntu wesilisa owenza umsebenzi ofana nowami kodwa ngidinga owenza umsebenzi ohlukile.
“Ngisho nongumeselandi anginankinga naye ngoba ngifuna umuntu esizoxoxa ngezinto ezingefani futhi sikhulisane naye.”
Uzichaze njengomuntu wesifazane onesimilo nowumntwana kaNkulunkulu njengoba eyindodakazi yomfundisi ekhuliswe ngenhlonipho nangenkolo. Eqhuba uthe yena akakholelwa ekukhangiseni ngomuntu amthandayo.
“Mina ngikhule kahle, ngibukela kosisi bami abangoDJ, uCndo noHappy Gal. Besicebisana ngokuthi abantu kufanele basazi ngemisebenzi yethu yokudijeya hhayi ngempilo yethu yangasese. Nami ngifuna ukwenza njengoHappy Gal oveze umuntu wakhe ngoba sebethembisana umshado.”
ULesoul usanda kukhipha umucwi oshisa izikhotha kulezi zinsuku, awenze ngokubambisana nezihlabani zekwaito, uT’zozo noProfessoro bodumo lweWoz’eDurban, osihloko sithi Lo.
Uthe ngale ngoma ugqugquzela abantu besifazane ukuba bazithande, bazinakekele futhi bahlanzeke ukuze nabo bathandwe.
“Le ngoma ngithe angiyikhiphe ngenyanga yabesifazane ngoba ibungaza thina. Sekunabantu besifazane asebeze bazenyeza ngobubona.
“Yingoba abantu besifazane abasatuswa njengakuqala lapho umuntu abenconywa, ephiwa izipho futhi akhishwe. Manje abantu besilisa sebekhuluma nathi ocingweni bese kuyajolwa njalo.”