USHIYE isigubhukane umsakazi woKhozi FM obekusalindelwe lukhulu kuyena kulesi siteshi esilalelwa ngabantu abangaphezulu kuka-7 million.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi lo msakazi uthathe isinqumo sokushiya phansi ngenxa yengcindezi abeseyithola.

Ethintwa lo msakazi uvele wakhihla esikaNandi.  “Ngisulile ngoba bese ngikhathele ukubekezela. Ngiyazi bajabule-ke ebebefuna ngishiye kulolu hlelo…”

Udaba oluphelele negama lomsakazi oshiyile ephephandabeni lakho kusasa (ngoLwesine).