UMSAKAZI woKhozi FM uNonhlanhla 'Mroza' Buthelezi ufinyelele esicongweni sentaba iKillimanjaro, eTanzania. Isithombe: Instagram
UMSAKAZI woKhozi FM uNonhlanhla 'Mroza' Buthelezi ufinyelele esicongweni sentaba iKillimanjaro, eTanzania. Isithombe: Instagram
ABANTU baseNingizimu Afrika abebeyingxenye yomkhankaso weTrek 4 Mandela abebeqwala intaba iKillimanjaro obekukhona kubo noMroza woKhozi FM Isithombe: INSTAGRAM
ABANTU baseNingizimu Afrika abebeyingxenye yomkhankaso weTrek 4 Mandela abebeqwala intaba iKillimanjaro obekukhona kubo noMroza woKhozi FM Isithombe: INSTAGRAM
UMSAKAZI owenza uhlelo lwantambama kuKhozi FM, uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi ofike esicongweni sentaba ende okuzedlula zonke e-Afrika iMount Kilimanjaro uthi okumjabulisayo ukuthi kuzosizakala abaswele ngesenzo sakhe.

UMroza, owethula uhlelo iSisonke Drive noMzokoloko ngo-3 no-6 ntambama phakathi nesonto, ufike esicongweni ngosuku lwabesifazane, ngoLwesihlanu.

Ubehamba nethimba leTrek 4 Mandela eliqoqela amantombazane aswele imali yokuthenga amaqakelo.

“Okungijabulisa kakhulu ukuthinta umphakathi ikakhulukazi abantwana laba abaswele. Amaqakelo bazowathola siyiqoqile imali nabantu besifazane. Abantwana bazokwazi ukuthi bangahlali emakhaya ngenxa yokuthi abanawo amaqakelo,” kusho uMroza okhale ngokukhathala.

Lo msakazi ubekhuluma neSolezwe esendleleni ebuyayo esesikhumulweni sezindiza saseDar es Salaam, eTanzania. Uthe uzofika namhlanje eThekwini.

Uthe ujabule kakhulu ngalokhu yize bekunezinselelo eziningi.

“Kodwa okungijabulisile ukukwazi ukufinyelela esicongweni. Okwamanje yilokho okusangithokozisile kakhulu. Ukuthi ngiyophinde ngibuyele yini ngikwenze futhi okwamanje ngisasenjabulweni yokuthi ngaze ngayenza into ebengakaze ngicabange ukuthi ngiyoyenza,” kuqhuba yena.

Ubonge kakhulu ukwesekwa akutholile ikakhulukazi kubalaleli boKhozi FM.

UMroza, ogubhe usuku lwakhe lokuzalwa esekuhambeni, ubengahambi yedwa njengoba ebehamba nomsunguli womkhankaso uRichard Mabaso, owayengumvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, umsakazi weMetro FM uPearl Shongwe nabanye.

Laba bahalaliselwe nxa zonke ngokwenza lokhu.