USHAQE abaningi umrepha we-Ambitiouz Entertainment, uGigi Lamayne evalelisa kubalandeli bakhe ngaphambi kokuzama ukuzibulala ngoMgqibelo.
Lo mrepha ukuqinisekisile ukuthi uzame ukuzibulala kodwa wangaphumelela nokuholele ekutheni alaliswe esibhedlela lapho athola khona usizo.
NgoMgqibelo ekhasini lakhe kutwitter uGigi ubhale kanje: ‘7 Julayi 1994 - 3 Novemba 2018’ - okuwumbhalo awulandelise ngomunye othe ‘The end’.
Ephendula uNgqongqoshwe wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa, uGigi uthe usethola ukwelulekwa ngokomqondo (therapy).
“Sonke singabantu, uma sizwa ubuhlungu noma singaphansi kwengcindezi kuyazwela. Ukwelulekwa engikutholayo manje sekwenze isimo sangcono kakhulu. Sengiqala ukubona ukuthi sekunesikhathi ngalimala,” kusho lo mrepha.
Lo mrepha ngoMsombuluko kutwitter ufake isithombe eveza ukuthi ubelaliswe esibhedlela. Kulesi sithombe isandla sakhe besibhalwe ukuthi ‘ukhwantalala ngeke lunqoba’ - ebesihambisane nombhalo othi, “ngivukile, besingakashayi isikhathi…”
Ngemuva kokuhlala e-ICU impelasonto yonke, ngokwephephandaba iThe Citizen, namhlanje ekuseni lo mrepha ubhale ku-WhatsApp waveza ukuthi uphila nesifo sokhwantalala.
“Ngiphila nokhwantalala. Ngelinye ilanga ngizonazisa konke ngalokhu. Ngiyabonga kuwe ofunde lo mbhalo, ngiyabonga. Ngizame ukuqeda ngempilo yami ngenxa yengcindezi ngezinti ezenzea empilweni yami. Ngiyaxolisa ngokunizwisa ubuhlungu nangokunikhathaza, besengikhathele. Sekunesikhathi ngiphukile emoyeni.” kubhala yena.