UMREPHA odabuka eMlaza, Omuhl'umnguni Simamane kodwa owaziwa ngelika-Usimamane, ubonge amandla kaShembe enqoba indondo yeBest Male kumaMetro FM Music Awards eMbombela Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo.
USimamane uhlabane ngengoma ayenze nenye inhlalisuthi enguzakwabo kulo mculo, uJabulani "Sjava" Hadebe. Ebhala kwiFacebook, Usimamane uthe: "Ngiyabonga kakhulu, umama ujabulile, uShembe owenzile."
Echaza kwiYouTube Channel, iKnowledge Through Shots, Usimamane uthe ukhonza kwaShembe ngenxa yezimfundiso zikanina.
Uthe kubo abakholelwa ekubhuleni ezangomeni kodwa bakhetha ukuqhuba ngenqubo yakwaShembe.
Uqhube wathi uhlale egaxe amafodo akwaShembe emqaleni.
"Ekhaya singamaZulu, besenza izinto eziningi futhi sibabona abantu benza izinto. Ngiyakholelwa esintwini kodwa angikholwa uma umuntu ethi 'ngibona engathi kunento engahambi kahle empilweni yakho noma usibanibani uzama ukukwenza okuthize'. Angikaze ngaba yilowo muntu. Ekhaya sizame izinto eziningi kungalungi kodwa sithe sesibiza igama likaShembe, izinto eziningi zaqala ukwenzeka."
USimamane uthe uyakholelwa kakhulu egameni likaShembe ngenxa yokuthi linamandla futhi uma esenkonzweni ngeSabatha uhlale elengise amafodo oShembe abahlanu ngokulandelana kwabo.
Uthe indlela azifela ngayo ngenkolo yakwaShembe, ufuna ukuba inhlalisuthi yokuqala eyolengisa amafodo nezitikha ezinoShembe ezimotweni ezihamba izimpunyela kuphela. USimamane uqale ukutusa amagalelo kaShembe ezingomeni zakhe, ikakhulukazi kwethi Biggest Culture ngoba uze athi "Shembe ngenelela, naba bezama ukuvimba amaphupho ami..."
USimamane uqale ukwaziwa ngomucu awukhiphe nyakenye, ohlabane ngamaPlatinum Disc amathathu kuleli, osihloko sithi Cheque.
NgoJuni nyakenye uphinde wahlabana ngomklomelo weRap Life Africa yi-Apple Africa.
I-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi 20th: Days Before Maud, iphume ngoSepthemba 13 nyakenye. Nayo iqophe umlando ngokudla umhlanganiso ngokudayisa amahlandla awu-332 000 ngosuku lwesibili kuSpotify.
Lo mucu othi Uvalo waqala wahlala kunombolo 4 ngaphambi kokuqengqeleza phambili kuma- Local Streaming Top 10 Charts.
Akagcinanga lapho kodwa ubuye waqopha ngokuhlanganyela noRick Ross, ingoma esihloko sithi Dangerous II.
Usimamane akusiye usaziwayo wokuqala ukulandela inkolo yakwaShembe, abanye ngoDawn Thadeka King, Siyabonga Twala, Mgqumeni, Ngizwe Mchunu, Zimdollar, Mike Mvelase nabanye.