UMREPHA waseBergville, uSiyabonga “Big Zulu” Nene unesifiso sokuhlanganisa engomeni eyodwa omaskandi abayizimbangi, uKhuzani Mpungose noMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele. Lezi zinsizwa azibhekani kangangoba zake zanqaba uR1 million owawubekwe uKhulubuse Zuma.
UBig Zulu (32) uthe ufuna ukwenza ingoma nalaba baculi ngenxa yokufuna kube nokuthula emculweni kamaskandi.
“Mina ngiwumrepha kodwa oyibhinca nofuna ukufaka umculo we-rap nasemabhinceni. Ngifuna lo mculo wethu ukwazi ukulalelwa nangabantu abadala basemakhaya. Lokhu ngikwenza ngokucula ngokuhlanganyela nabaculi bomaskandi.
“UBig Zulu uthe useke wacula neMfezemnyama, Inkosi Yamagcokama, Abafana BakaMgqumeni naBafana BaseMawosi.
Lo mrepha uqale ukuvelela nge-albhamu esihloko sithi Ushuni Wenkabi futhi ehlabane ngendondo yeBest Newcomer kumaSA Hip Hop Awards.
Useke wasebenza nabomrepha abahlonishwayo okungoKid X, AB Crazy noFifi Cooper.
“Ngisanda kwenza ingoma ethi Ak’laleki nomrepha uKwesta. Iyona ngoma engiyiphushayo kulezi zinsuku. Kunenye futhi engiyenza noCassper Nyovest.”
Lo mculi uthe unesifiso sokucula ngokuhlanganyela neLadysmith Black Mambazo ngoba ukhule eyilalela futhi uyaziqhenya ngayo.
Ngaphandle kokucula, uBig Zulu, ubuye abe yijaji ohlelweni lweTV i-One Mic futhi ubuye alingise emdlalweni woMzansi Magic, Isibaya neSithembiso. Nyakenye ugixabezwe ngokuba yinxusa lezimpahla zakwaBrentwood SA.
Uthe igama likaBig Zulu waliqanjwa ngesikhathi esapina izimoto kanti elenkabi ulithole ematekisini njengoba ake washayela amatekisi akubo iminyaka emihlanu.