USEYISANGOMA umphathi wesitebela sabaculi iMabala Noise, uReggie Nkabinde.
Lokhu kugqame ngoDisemba nyakenye okuyinyanga okuthiwa uphothule ngayo ukuthwasa.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi ukuyothwasa kukaReggie kuphazamise nomcimbi waminyaka yonke weMabala Noise.
Umthombo uthe ukuhlehla kweDonaldson Dam Annual Picnic Explosion ebizoba seWestonaria eGauteng ngoJanuwari 1, kudalwe yikhona.
“Ngisho ekhuluma nabantu manje uReggie usesebenzisa amagama ajwayele ukushiwo yizangoma.
“Usejwayele ukuthi: Thokoza dlozi, thokoza gogo, ibambe ngakho mntwana wedlozi,” kusho umthombo.
NgoKhisimuzi uReggie uvele ku-Instagram eseduze kwethuna likayise efake umqhele ekhanda, egaxe nebhayi ehlombe. Lokhu kwenze ukuthi aqine amahlebezi okuthi useyisangoma.
Kulesi sithombe ubebhale ngokukhumbula kwakhe uyise. Uveza nokuthi uyohlala emthanda uyise nogogo bakhe abangasekho.
Mayelana nomcimbi obuzoba ngoJanuwari 1, kubhalwe kwiWeb tickets ukuthi: “Abebethenge amathikithi alo mcimbi bawagcine ngoba usuhlehlile.”
Azicaciswanga izizathu zokuhlehliswa kwawo kodwa abantu bathenjiswe ukuthi usuzoba ngempelasonto yePhasika futhi amathikithi abawathengile azobe esasebenza kuwona.
Baphinde banikwa ithuba lokuthi abangeke besakwazi ukuya kuwona bangawaphindisela banikwe imali yabo.
Kuthiwa umnqamulajuqu wokubuyisela amathikithi emuva uMashi 31.
Ucingo lukaReggie belukhala lungaphendulwa ngesikhathi efonelwa nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Okhulumela iMabala Noise, uSikhulile Nzuza ukhale ngokuthi uReggie umatasa ngeke akwazi ukuxoxa ocingweni njengoba bekunomcimbi we-ANC weJanuary 8 Statement izolo.
Naye uSikhulile uthe ngeke akwazi ukuphendula ngoba umatasa emcimbini we-ANC e-East London.