UMNDENI womculi kamaskandi osanda kushona, uMjik’jelwa “Ichalaha likaShafuza” Ngubane, usuxoshe oyimenenja yalo mculi uThembi Ngubane ukhala ngokuthi uyaxova.
Umfowabo omdala kaMjik’jelwa, uRichard Ngubane owaziwa ngelikaNgwenya, uthe bengumndeni sebethathe isinqumo sokuthi uThembi ahoxe kuyona yonke into ethinta uMjik’jelwa emculweni futhi angazibizi ngelungu lomndeni ngoba akalona.
Uthe izinkinga ezikhona ezithinta amaqembu omculo kaMjik’jelwa njengoba kuke kwavela ukuthi abangwa ngamawele akwabo kweChalaha, uBheki noMnikezwa, zidalwe wuThembi.
“Yize ngingazalwa ubaba oyedwa nokaMjik’jelwa kodwa yimina umuntu abekhuluma naye ngezinto ezithinta umculo wakhe. UThembi akayena owakwabo kaMjik’jelwa futhi akanazo izinhloso ezinhle ngezinto ezithinta uMjik’jelwa. Ngokwazi kwethu uThembi ubevele engazwani noMjik’jelwa. Ngesikhathi uThembi esenkampanini Izingane Zoma, okwaphuma khona uMjik’jelwa, ubehlangene nabaculi bakhona ethuka uMjik’jelwa. Nokuthi kuvele amagama amabili ngozohola amaqembu kaMjik’jelwa njengoba kuvele elikaMnikezwa nelikaBheki, kwenziwe wuThembi ngoba efuna ukuqhatha,” kusho uNgwenya.
UNgwenya uthe ngaphambi kokuba umfowabo ashone ubatshele ukuthi amiswe ukusebenza amaqembu akhe uma engasekho emhlabeni.
Uthe yize kunjalo, bengumndeni bahlele ukuthi ngemuva komsebenzi wokubuyisa uMjik’jelwa ngonyaka ozayo bazokwenza omunye becela kuyena ukuthi amaqembu aqhubeke ngoba kumele izingane zakhe ziphile ngawo.
Ethintwa uThembi uthe: “Angiqondi ukuthi usho ukuthini uNgwenya uma ethi angilona ilungu lomndeni. Ngokwazi kwami siyefana nje naye ngoba naye akazalwa wuyise kaMjik’jelwa kodwa sihlanganiswe amakhehla azala obaba okuyiwona alamanayo. Mina ngizalwa uMgxiza ozalwa yikhehla lakwabo kaShafuza. Angazi kuqala nini ukuthi angilona ilungu lomndeni ngoba ngesikhathi uMjik’jelwa egula yimina owayehla enyuka esibhedlela. Ngabe ngiyezwa ukube kukhuluma abakwabo kaMjik’jelwa.”
Uthe uzophuma ezintweni ezithinta umculo kaMjik’jelwa, uma kungukuthi umndeni usubeke umuntu ozokwenza kangcono kunaye.
Uqhube wathi akakaze amthuke uMjik’jelwa esesenkampanini Izingane Zoma. Uthe okwakushiwo abaculi ezingomeni zabo ngoMjik’jelwa kwakungahlangene naye kodwa umsebenzi wakhe kwakungukumaketha umsebenzi osuqoshiwe.