UMNDENI wengqalabutho yomculi uJohnny Clegg ibonga abantu baseNingizimu Afrika ngothando abalukhombisile njengoba eshonile.
UJohnny Clegg ushone ngoLwesibili ntambama wangcwatshwa ngoLwesithathu emathuneni aseWestpark, eGoli.
Imenenja yakhe ekhulumela umndeni, uRoddy Quinn, ithe umndeni uhluleka ngisho ukuchaza indlela abantu abenze ngayo kuwo.
“Kulabo abafuna ukunikela emndenini siyikhiphile imininingwane yokuthi yonke iminikelo kumele iye ezikhungweni ezehlukene. Uthando olukhulu luqale ukubonakala kuqala ukuzwakala izindaba kwaze kwaba sekutheni uyafihlwa,” kuchaza uRoddy.
“Umndeni ubufisa umgcwabo ube mncane kube owawo kuphela nabantu akade besondelene naye kakhulu. Kuhambe njengesifiso sakhe kwaba khona abangani, umndeni kanye namalungu ebhendi akade esebenza nawo kuphela,” kuchaza uRoddy.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi inkonzo yesikhumbuzo kaJohnny izoba nini kodwa bazomemezela. Yona iyobe ivuleleke kuwo wonke umuntu.
UJohnny udlule emhlabeni ngemuva kokuhlaselwa isifo somdlavuza wamanyikwe amemezela ukuthi unaso ngo-2015.
Khonamanjalo uyafihlwa namhlanje umlingisi odlule ngoLwesithathu oludlule uNomhle Nkonyeni.
UNomhle uzofihlwa elokishini azalwa kulo uNew Brighton, ePort Elizabeth.