SEKUVELE ukuthi zimapeketwane izinto emndenini wakwaMpisane kulandela ukusabalala kwe-video eveza uSbahle efisela abazali bakhe okuhle njengoba ngoLwesibili begubha usuku lwabo lomshado.
Ukusabalala kwe-video, kuthiwa kucasule uyise kaSbahle, uSbu Mpisane obengenalwazi ngokuqhubekayo.
Umthombo weSolezwe uthe uSbu ubone sekukhona i-video ezinkundleni zokuxhumana engatshelwanga lutho.
Okushiwo umthombo kufakazelwe yisitatimende esikhishwe abangani bakaSbahle kuTwitter.
FUNDA: AbakwaMpisane basuse ivideo kaSbahle ngemuva kokugxekwa ezinkundleni
Abangani asondelene nabo kakhulu uSbahle, okungoZoe Thabethe, Mandisa Ndlela no-Olwethu Gumede bathe umndeni wakwaMpisane ubungazi lutho nge-video ekhishwe ungaziswanga.
“Sifuna ukwazisa umphakathi ukuthi uSbahle ubengekho esimeni sokukhuluma futhi ebengazi ukuthi kuqhubekani,” kusho isitatimende.
Imizamo yokuthola uyise kaSbahle, ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belungangeni.
[BUKA] uSbahle Mpisane ekhuluma okokuqala kwi-video ngemuva kwengozi enyantisa igazi eyenzeka ngo-Agasti 9 kuMargaret Mncadi Avenue, eThekwini.
Video: Instagram/Andile Mpisane pic.twitter.com/yJccO3WbXa
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) September 11, 2018