UKHALA uyazithulisa owesilisa othi uthathelwe indoda wumlingisi woZalo ongaconsi phansi kwabaningi uKhaya Dladla owaziwa ngoGC kulo mdlalo wakwaSABC1.
UMkabayi “Smiley” Sibiya waseRichards Bay, uthi ubezitshela ukuthi uGC ungumngani wakhe kanti uyinyoka.
Umsola ngokumthathela isithandwa sakhe seminyaka eyisikhombisa uMercutio Buthelezi. Uthi okumphatha kabuhlungu kakhulu ukuthi usuka kude noMercutio futhi kudala bewa bevuka njengoba yonke into abanayo bayithenge ngokuhlanganyela. Njengamanje uSmiley uthe akasakwazi ngisho nokuya eflethini labo noMercutio eliseMhlanga Rocks, eThekwini, abaliqashile.
Uthe uMercutio usehlala noGC kuleli flethi. Ngisho nemoto eyiBMW ehamba uMercutio, uthe bayithenga ngokuhlanganyela naye kodwa manje usetetemuka ngayo noGC.
USmiley udansa ku-Umoja futhi useke waba nemijikelezo emazweni ehlukene nalo mdlalo weshashalazi. “Angazi ukuthi uMercutio uthandane nini noKhaya (GC) kodwa ngiqale ukwazi ngoFebhuwari kulo nyaka ukuthi umngani wami usengithathele indoda. Bengilaliswe esibhedlela ngenxa yokungaphili ngiyohlinzwa esinqeni ukuze silungiswe ngenxa yokuhlaselwa yiTB yamathambo. Ngithe ngiphuma esibhedlela ngasekupheleni kukaFebhuwari ngazithola ngingasenandawo eflethini lethu. UMercutio ungitshele ukuthi kunabantu bakubo abavakashele eflethini ngeke ngikwazi ukuza kulona kanti ufihle uKhaya,” kusho uSmiley.
Uthe uthathe isinqumo sokuthi ayohlala eGoli ngoba ededela abantu bakubo kaMercutio. Uthe uze watshelwa abangani bakhe ukuthi indoda yakhe imenze impatha ngoba isihlala noGC futhi sebejwayele ukubonakala benza amaphathi ndawonye. Uthe uzamile ukuxhumana nayo kodwa yangabe isamvumela nhlobo ukuthi eze eflethini. Uqhube wathi uzamile nokuxhumana noGC kodwa uyamziba njengoba engasazibambi nezingcingo zakhe.
Ethintwa uGC uvele wabhoka ngolaka. “Kungani ningaxoxi naye kuphela uSmiley lo onitshele lokho? Azikho nje izinto ezinhle enifuna ukuzibhala ngami nifuna ezimbi kuphela. Kumanje ngifundisa izingane kodwa anikhulumi ngalokho. Sengizonibhlokha manje ngikhathele yinina. Yazi wavele wawuxova umoya wami,” kusho uGC evala ucingo.
UMercutio, uthe uyabazi bobabili uGC noSmiley kodwa wangavuma wangaphika futhi ukuthi uyathandana nalaba. “Bekumele akhulume nami uSmiley uma kukhona afuna ukukusho hhayi ukuya emaphepheni. Umsebenzi wami awungivumeli ukuthi ngikhulume ngabantu enginobudlelwano nabo. Ngicela ukungasho lutho.”USmiley uthe uMercutio ungomunye wezimenenja zakwaHollard, KwaZulu-Natal.
Isolezwe lisanda kubika ukuthi uGC usezinhlelweni zokushada nowesilisa okuthiwa uSbusiso Msomi.