Ezokungcebeleka

Umlingisi woZalo uqwashisa ozakwabo ngokhwantalala

Charles Khuzwayo|Published

UMLINGISI uThandeka Dawn King uqwashisa amanye amaciko ngendima yokulingisa

Image: SIGCINIWE

UMLINGISI wodumo lukaMaNgcobo kuZalo, uDawn Thandeka King, uphonsele ozakwabo bakuleli ukuba bazihlinzeke ngamanye amakhono noma ngamabhizinisi ukugwema ukhwantalala.

Ekhuluma kwiThe Hustlers Corner Podcast, uDawn ubekhuluma ngobunzima obubhekene namaciko kuleli. Uthe ukugxila ekulingiseni emuva kokuhlukana nokusebenzela umlungu kwamenza wazithola eseququdwa wukhwantalala.

"Kufanele uzibuze ukuthi yini enye oyenzayo. Uma lomdlalo uphela, yini engingakwazi ukuziphilisa ngayo? Ngakho uma unelinye ikhono, kufanele uqinisekise ukuthi liyakusebenzela, ngisho kungaba nomuntu okuphathele lona ngesikhathi usashutha."

Le ntamdokazi ikhuluma kanjena nje yona ibuye izondle ngokweluka amajezi nokuthunga ngewuli. UDawn, odabuka eShowe, ubuye waveza ukungalawuleki kwale mboni yezobuciko okwenza abalingisi bagcine sebexhaphazeka.

Uthe abalingisi bazithola bekhokha intela kodwa engasizi ngalutho ngenxa yokuthi isetshenziselwa ezinye izidingo.Ukhalaze nangokungakhokhelwa uma umdlalo abalingisa kuwo sewuphindwa kwezinye iziteshi.Uthe kunemidlalo eminingi asebenze kuyo engasakhonjiswa kuleli kodwa evezwa eziteshini zethelevishini zakwamanye amazwe.

"Kodwa ngeke ngiyinuke leyo mali kuze kuba kusayinwa umthethosivivinyo ukuze sithole imali yethu."

Uthe leyo mali kufanele inikezwe ubalingisi asebengomakadebona nalabo asebemnkantshubomvu kule ndima. UDawn useneminyaka eyibambile insimbi ishisa emkhakheni wokulingisa kangangoba usebuya nakwiDeepcity, Inkaba, Lockdown, Isitha, Blood Legacy, noQueendom.