UMLINGISI woZalo uNompilo Maphumulo, odlala indawo kaNosipho Xulu, usengene emculweni wokujuxuza oshisa izikhotha kulezi nsuku obizwa ngegqom’.
UNompilo (36), osaziwa endimeni yomculo ngegama lika-Eish Ntwana, wenze ingoma esihloko sithi Golddigger. Kuleli culo, lo mlingisi usebenze kakhulu noSandile “Infi-Kane” Dladla neSnollyboiz (okungu-AK no-Oscar).
UNompilo uthe ukukhipha lolu nqambothi lwengoma kudalwe ukubambisana namaciko amathathu.
“Ukuhlangana kwala maciko bekuwukukhiqiza ingoma yegqom’ enendaba.”
Lo mlingisi, oqale ukuba nguweta nomdayisi odayisela abantu imikhiqizo ngocingo, ubuye abe nekhono lokudansa njengoba esebonakale kaningi ejuxuza ezinkundleni zokuxhumana.
Ukulingisa akakuqalanga kuZalo kodwa uke walingisa indawo kaThandeka efilimini ethi Sugar Daddies nekaCommander kwethi The Legend Never Die kanti wayeyingxenye yomdlalo weshashalazi othi Madame President.
Akagcinanga lapho, uqhubekile walingisa indawo yomuntu wesifazane emdlalweni weshashalazi othi The Serpent’s nekaMacebi kothi The Weeping Candle.
Ikhono likaNompilo lavumbululwa yingwazi yomqondisi wemidlalo yeshashalazi u-Edmund Mhlongo we-Ekhaya
Multi-Arts Centre
KwaMashu futhi
oseveze izihlabani eziningi kuleli okubalwa kuzo uBrenda Mhlongo
onguNandi kwiGenerations: The Legacy, Samkelisiwe Mkhize onguMabuyi kwiSibaya nophrojusa uNgane Sikobi.