UMLINGISI ophinde abe ngumethuli wezinhlelo, uPalesa Madisakwane, ubonga uNkulunkulu ngokusinda engozini enyantisayo yemoto emehlele muva nje.
Ebhala kuTwitter, uPalesa, owaduma kwiGenerations, uthe le ngozi idalwe wumuntu obedakiwe.
“Umshayeli wemoto obephuzile ucishe wangiphuca impilo neyengane yami eneminyaka engu-9. Ungishiye nginemithungo engu-20 esiphongweni, ngithuthumela ngenxa yovalo.” Uthe le mithungo imlahlekisele ngomsebenzi.
Ubuye wathumelela uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, uDkt Blade Nzimande neminye imithombo yezindaba, umyalezo kwiTwitter othi usecishe walahlekelwa yimpilo yakhe neyendodakazi yakhe ngenxa yemshayeli obephuzile.
“Le ngozi ingihlukumezile futhi wangishiya nginemithungo esiphongweni, okungilahlekisele ngomsebenzi ngenxa yomshayeli obephuzile.” UPalesa ubuye wafaka isithombe semoto yakhe elimele iphelile nezithombe zakhe eziveza imithungo.
OWADUMA kwiGenerations uPalesa Madisakwane usinde engozini yemoto Isithombe: ESIGCINIWE
Imizamo yokuthola ukuthi usenjani ngemuva kwale ngozi, igcine ingaphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kwenzeka lokhu nje uPalesa ubesanda kuveza khona ezinkundleni zokuxhumana ephophothwa ubuso eMall of Africa. Uke waveza ne-video enza inhlolokhono esiteshini sezindaba iCNBCAfrica, esikwiDStv Channel 410 ebesithungatha intatheli yezomnotho. UPalesa ubuye wabonakala emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iGaz' Lam, Ashes to Ashes, Isibaya, Soul Buddyz, Mfolozi Street, Zabalaza.
NgoLwesine ekhasini lakhe ku-Instagram ufake ivideo emuveza bemxilonga ubuso njengoba kudingeke ukuthi enziwe iplastic surgery.
View this post on Instagram
A post shared by Palesa(@palesamad) on Mar 20, 2019 at 5:16pm PDT
UPalesa ubonge abamesekayo kulesi sikhathi abale kubo uyise wengane yakhe uSomizi Mhlongo, indodakazi yabo uBahumi, abangani bakhe kanye nongqongqoshe wezobuCiko nobuSiko uMnuz Nathi Mthethwa.
Ngaphandle kokulingisa, uPalesa ubuye wethula uhlelo lomculo wokholo iGospel Gold futhi wathula nolwezindaba esiteshini esingasekho i-ANN7.