UMLINGISI wethelevishini osezakhele udumo ngokudlala indawo yesigebengu u-Emmanuel Gweva (36) useya kwiGenerations: The Legacy.
Lo mlingisi odlala indawo yesigebengu uPeanuts kwiSithembiso uthe nakwiGenerations: The Legacy udlala indawo yesigebengu.
Uthe indawo yakhe izoqala ukuvela ngoSepthemba nonyaka.
“Njengamanje kwiSithembiso ngivela njengomuntu osahambile ovakashele KwaZulu-Natal. Anginaso isiqiniseko sokuthi indawo yami izobuya maduze yini kusona kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngiya kwiGenerations: The Legacy. Khona ngisazohlala ngoba kuningi okusazokwenzeka njengoba ngiyodlala indawo yesigebengu esidayisa izidakamizwa esizogcina ngokuboshwa siphinde siphume siqhubeke nomsebenzi waso,” kusho u-Emmanuel.
Lo mlingisi uqale ukugqama elingisa efilimini iThina Sobabili ngo-2014 edlala indawo yesigebengu uThulani.
Uthe amasango okulingisa avulwe yisikhangiso sakwaVodacom aba kusona ngo-2013 esenza abantu bambona.
“Ngaleso sikhathi yayisiminingi imidlalo yeshashalazi engase ngilingise kuyona kodwa bengingaziwa. Izinto ziqale ngo-2013 ukwenzeka lapho kufezeke khona amaphupho. Nami angikholwanga ngesikhathi ngithola indawo ephambili kwiThina Sobabili okuyifilimu ka-Ernest Nkosi. Ngiphinde ngathathwa kwiVaya ka-Akin Omotoso yango-2016. Wonke lama filimu angizange ngiyozama inhlanhla kungazi muntu kodwa bengibizwa wophrojusa ukuthi ngizokwenza inhlolokhono yendawo abafuna ngiyilingise,” kuqhuba yena.
Uthe nakwiSithembiso wahlangana no-Angus Gibson waxoxa naye kwenye yamaFilm Festival wavele wamshayela ucingo efuna ukuthi azolingisa indawo kaPeanuts kulo mdlalo. Ugcine esengena nasefilimini yokuqala ka-Angus iBack of the Moon ebikhonjiswa kwiDurban International Film Festival.
Echaza ngempilo yakhe u-Emmanuel ongowaseVaal, eGoli, uthe ukhule evele ethanda ukulingisa kodwa engenayo imali yokufundela khona.
“Ngaze ngathatha isinqumo sokwenza izifundo zokuba ngunogada ngaqashwa kulo msebenzi. Ngangifuna ukuqokelela imali yokuthi ngifeze iphupho lami lokulingisa ngokuyokufundela.
“Ngigcine ngingene eFuba School Of Drama And Visual Arts ngikhokha ngemali ebengiyiqongelele ngisewunogada. Ngesikhathi ngisafunda kuphinde kwavela ithuba lokuyolingisa emidlalweni yeshashalazi ngo-2005.
“Ukukhokhelwa kwami okokuqala komunye umdlalo weshashalazi engangilingisa kuwona kwenza ngaba nogqozi lokufuna eminye ngagcina ngingasaqhubekanga nokufunda,” usho kanje.