KULELI sonto esiphuma kulo kuthelevishini kubonakale kuqopheka umlando kuleli njengoba kwenzeke into ebiqala ukuvela abalingisi bemidlalo emibili emikhulu belingisa izindawo zabo kowomunye ngokunjalo nomunye.
Lokhu kwenzeke kwiThe River ku-1Magic neThe Queen kuMzansi Magic. Kulo mlamdo kubonakale uConnie Ferguson odlala indawo kaHarriet Khoza noSindi Dlathu olingisa indawo kaLindiwe Dikana, behlangana ukuze basizane njengoba bobabili benezitha esezibaxakile.
UBonga Percy Vilakazi, ongumbhali weThe Queen ophinde abe nguphrojusa weThe River, uveze ukuthi bese kunesikhathi efuna ukwenza lo mlando emidlalweni yakuleli.
“Lokhu esikwenzile
yinto esasihlale sixoxa
ngayo uma sihlangene sikhuluma ngale midlalo nophrojusa nababhali bayo okukhona kubo uPhathu Makwarela, Gwydion Beynon, Connie noShona Ferguson.
Njengoba lemidlalo yomibili ibhalwa abantu ababodwa, sibone kungcono siyihlanganise kubonakale okuhlukile kodwa abalingisi bebonakala kuyona yomibili bekhuluma ngento ethinta umdlalo abadlala kuwo,” kusho uVilakazi.
Uthe yomibili le midlalo ishuthwa eRuimsig, kodwa kuningi okuhlukile kuyona.
“Uhlobo olunjena esilwenza emidlalweni luba nomphumela omuhle kuthelevishini, kodwa zikhona izingqinamba njengoba kumele siqinisekise ukuthi abalingisi abakhohlwa yizindawo abazilingisayo uma sebekomunye umdlalo. Kodwa ulwazi esilutholile nokufunda izinto ezihlukile kulokhu kube into engeke siyikhohlwe,” kuchaza yena.