UMSUNGULI wamaSABC Crown Gospel Awards, uZanele Lambokazi Nkambule uphume umkhankaso wokuqwashisa amantombazane ngama-blesser no-sugardaddy. UZanele, owazakhela udumo ngokusakaza kuKhozi FM nakwiP4 Radio, uze washicilela incwadi esihloko sithi Dear Daughter ngenhloso yokukhuluma namantombazane ngezindaba ezithinta ucansi.
“Abazali abaningi bayesaba ukukhuluma nezingane zabo ngezindaba zocansi, ama-blesser, o-sugar daddy ngisho nempilo nje yokukhula nokukwazi ukuzimela. I- #QhakazaGirl Foundation izolekelela ngokufundisa amantombazane ngempilo, ngemfundo, ngemali, ngoNkulunkulu, ngokushushumbiswa kwezidakamizwa nokunye. Sikhethe ukuba zonke lezi zinto sizifake kule ncwadi entsha ethi #DearDaughter ukuze kubelula kubazali ukuthengela amadodakazi.”
Le ncwadi izokwethulwa ohambeni lwabesifazane beminyaka yonke olubizwa nge#QhakazaGirl Walk and Talk, oluzosukela esichuseni sikaLouis Botha/ King Dinuzulu eThekwini, ngoSepthemba 1. UZanele uthe lolu hambo luzoze luphele eCity Hall, kuzoshaywa ujenga futhi kudanswa.
“Kuyobe sekuqala izingxoxo zokukhuluma amaqiniso ngempilo yomuntu wesifazane.”
Uthe babonga othisha ababathintile ukuhlelela amantombazane avela ezikoleni namakhansela akhiphe amakhumbi ukuletha izingane.
ULaMbokazi uphethe ngokuthi i-#QhakazaGirl izogqugquzela ukubambisana kwabesifazane, ubulale umona nokungasekelani.
Kumenywa wonke umuntu wesifazane noma ngabe uneminyaka emingaki ukuba naye agqoke noma yini enombala-o-pink, azofaka elakhe izwi ekwakhiweni kwabesimame bakusasa.
Ngemininingwane ungaya ekhasini lika-Facebook elithi Dear Daughter#QhakazaGirl.