USAZIMISELE ngokufeza wonke amaphupho akhe owaba nguMiss South Africa ngo-2016 uNtandoyenkosi Kunene-Mthethwa.
UNtando, owabopha ifindo likasofa silahlane nomculi uKhaya Mthethwa ngo-2017, waphinde wathola nomntwana wakhe wokuqala kulo nyaka, uthi akukho okushintshile uma kuza ekufezeni izifiso zakhe.
Ngemuva kokuthatha isicoco sikaMiss South Africa ngo-2016, uNtando wabe eseyohlala eNelspruit kodwa umendo wambuyisela eThekwini la esezinze khona.
“Impilo ishintshile kodwa kumnandi kakhulu. Ukuba umzali kuyintokozo eyisimangaliso,” kusho uNtando.
Lolu shintsho uthi lumnike nethuba lokuzithola, azikhumbuze nangakho konke ayefisa ukukufeza ngaphambi kokushada.
“Konke engangifisa ukukwenza, ngizokufeza. Ukushada akungivimbile kanti ngabusiswa nangomyeni onothando futhi ongesekayo kukona konke,” kuchaza uNtando.
Uchaze umyeni wakhe njengomuntu abazwana kakhulu naye futhi omqondayo aphinde azwelane naye. Uthi uma kungase kuthiwe unikwa ithuba lokubuyela ekubeni wumuntu ongashadile, anganqaba.
UKUTHOLA ingane nomyeni wakhe uKhaya Mthethwa akumnqindi uNtandoyenkosi Kunene-Mthethwa ukufeza izifiso zakhe
“Kwakumnandi ukuzimela ngingakashadi kodwa ukushada kumnandi kakhulu ngendlela yokuthi angisaziboni ngingaphandle komndeni wami,” kuchaza uNtando.
Yize impilo yokumodela eseyishiye ngemuva njengoba esenguMam’ Mfundisi, enake nomndeni wakhe, uthe uma kungase kwenzeke, ngeke angalithathi ithuba lokukwenza konke, amodele aphinde abe wumama wekhaya.
“Akukho la umyeni wami noma abasemzini abangivimbe khona noma nokubakhalisayo ngomsebenzi wami wokumodela,” echaza.
Umcimbi kaMiss South Africa walo nyaka uzobanjwa ngo-Agasti 9 okobe kuwusuku lokubungaza abesifazane eNingizimu Afrika.
UNtando uzoba ngomunye wozime abahlanu abazomukela izintokazi ezizoba yingxenye yalo mncintiswano kulo nyaka.