KUPHOQELEKE ukuthi uhoxiswe umhlangano womculi kamaskandi Igcokama Elisha nekomiti lamakhosi ngesikhathi abalandeli balo mculi bevuka umbhejazane bedunga umhlangano bekhala ngokuthi kudlalwa ngeciko labo.
Igcokama Elisha belihlangene namakhosi ngoLwesihlanu eSanlam Centre, eMpangeni lapho ebelibizelwe khona ukuzochaza ngesihloko se-albhamu iDog Style, nezidubedube zaseMoses Mabhida.
Indaba yonakale ngokuthi Igcokama litheleke nequlu
labalandeli abebengalawuleki bethuka nenhlamba bebuza ukuthi lenzeni Igcokama.
Abalandeli bangene nalo enxanxatheleni yezitolo lapho bekubanjwe khona umhlangano.
Bafike bavinjwa emnyango wegumbi lomhlangano kwasuka omkhulu umsindo bethi abayi ndawo. Bebephethe nezingqwembe ezibhalwe amagama asongayo abhekiswe kumdidiyeli wekomiti uDr 3 Seconds, omunye umbhalo uthi “3 Seconds Must Fall". Elinye libhalwe "3 Seconds usenzela iDog Style".
Kuphoqeleke ukuthi kungenelele amaphoyisa elekelelana nonogada bale ndawo. Kuthe selingenile Igcokama kwathatha isikhathi ukuthi umhlangano uqale ngoba umsindo ububhokile. Kuze kwacelwa lona Igcokama ukuthi likhuze abalandeli balo abebengezwa mshini.
Belilokhu liphuma lingena liyaluza kuchitheka injobo njengoba belibhince ibheshu nembatha lase limboza ithawula elimhlophe ekhanda. Belilokhu lixolise njalo ekomitini lamakhosi ngobekwenzeka. Lithi belingaqondile lutho olubi kodwa abalandeli bayaliphelezela.
Uthe ukuba ngcono umsindo kwangenwa odabeni ikomiti lacela incazelo ngesihloko esithi iDog Style. Igcokama lithe licela uxolo uma liphambukile kodwa lalizama ukucikoza lihehe nabathengi bomculi ngesihloko.
"Njengoba sazi ukuthi siphila esikhathini samanje, umculo usulalelwa abantu abehlukene ngisho intsha emanyuvesi iyawuthanda umaskandi. Ngondla izingane ngomculo, yiwona msebenzi wami," kuchaza Igcokama.
Lithe selingena odabeni lwaseMoses Mabhida kwacaca ukuthi umhlangano uyadungeka, kwangena abaqaphi bathi akuhlakazekwe.
Isikhulu sezokuxhumana eSanlam Centre, uLindiwe Dube, sithe isimo siyaphuma esandleni kuphazamiseka nokusebenza ezitolo.
UMdidiyeli wekomiti uDr 3 Seconds uthe baphoqelekile ukuthi kuhlehle umhlangano ngoba bebengazi ukuthi Igcokama lizofika nabalandeli.