UMENZI Mabizela inkampani yakwaSpotify esiveze ukuthi ungomunye wabaculi bakamaskandi abenza kahle uma kuziwa ekulalelweni komculo kule nkundla
Image: Sithunyelwe
INKAMPANI yomculo iSpotify isiveze ukuthi abaculi okukhona kubo Umafikizolo, Mshinwemali, Sminofu, Inkos’yamagcokama noMzukulu, bangabanye babaculi kumaskandi osekuvele ukuthi umculo wabo wenza kahle uma kuziwa ekulalelweni nasekudlalweni kule nkundla.
Kuvele ukuthi lo mculo ulalelwa izikhawu ezibalelwa ku-2 million ngenyanga.
UPhiona Okumu obhekelele umculo kwaSpotify e-Africa, uveze ukuthi uLimit Nala noMenzi bangabanye babaculi nabo abeza ngesivinini esiphezulu ngezingoma zabo ezehlukene kule nkundla.
“Inkundla yakwaSpotify ingaphezu nje kwalokhu abantu abayibona iyikhona kepha igqamisa amasiko ngomculo esinawo owenziwa emazweni ahlukene. Siyaziqhenya ukuthi sixhase lolu hambo olusha kithi, ngokubungaza abaculi bakamaskandi abahlukene kanjalo nabalandeli babo abenze omkhulu umsebenzi ngokuthi balalele izingoma zabo baqhakambisa nesiko lesiZulu eselaziwa emhlabeni wonke ngokugqama kule nkundla. Sikubheke ngabomvu ukuthi senze umsebenzi omuhle nabaculi balolu hlobo lo mculo,” kusho uPhiona.
Isolezwe lisanda kubika ukuthi le nkampani ibe nesithangami sabezindaba eThekwini ngenyanga edlule, la ibizoveza ukuthi ithathe isinqumo sokubungaza lolu hlobo lomculo ngomcimbi ozoba ngoJulayi.
Bathi benza lo mcimbi ukubungaza nabantu baKwaZulu-Natal, kanjalo nabaculi abenza lolu hlobo lomculo.
Baveza ukuthi yize bengeyona inkampani eyenza imicimbi futhi efuna ukuzihlanganisa nemicimbi emikhulu, kodwa babone ukuthi mabawenze lona othinta umaskandi.
Bathi ngeke kube wumcimbi omkhulu kodwa uzoba yingqophamlando ngokuba nabaculi abahlukene bakamaskandi.
Okubi abathe bakubona enkundleni yabo, wukuthi abekho abantu besifazane bakuleli izingoma zabo ezihamba phambili, kunalokho kugqame abesifazane baphesheya kwezilwandle.