UBUYELE emsebenzini umsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo osule isigubhukane emsebenzini emasontweni amabili edlule ekhala ngengcindezi yokusatshiswa ngabathile abebefuna asule.
UMdonso ushayela uhlelo lukamaskandi, iSgiya Ngengoma, ngokubambisana noZimiphi “Zimdollar” Biyela.
Ngemuva kokusula isigubhukane akazange azwakale emoyeni ngoMgqibelo odlule kodwa izolo ubekhona esakaza njengenjwayelo.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ongashayi eceleni uthe ngenxa yokuthi abaphathi boKhozi FM abayamukelanga incwadi yokusula kukaMdonso, kudingeke ukuthi abuyele emsebenzini.
“Kubukeka izinto sezibuyela kokwejwayelekile futhi wehlile nomthwalo emahlombe kaMdonso njengoba engasazitholi izingcingo ebezimsabisa. Ubesephila ngokukhala zonke izinsuku ngoba abebemsabisa bese bechaza ngisho nohlobo lwemoto ahamba ngayo nokuthi uhlala kuphi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi : “Ngelinye ilanga uze waphoqeleka ukuthi angangeni kubo ngemoto yakhe ngenxa yokuthi ubelandelwa yimoto ethile okusolakala ukuthi ngeyabantu ababefuna ukumsoconga. Kwaze kwadingeka ukuthi abaleke ayopaka edolobheni eShowe maqede wafonela amalungu omndeni wakhe ukuthi amlande ngoba isimo besishubile,” kusho umthombo.
Ethintwa uMdonso, uthe akavumelekile ukuthi akhulume ngalolu daba kwabezindaba, ucela kuthintwe abakwaSABC noMu Ngcolosi okhulumela umndeni.
UMu uthe sebelulungisile lolu daba neSABC futhi ikuqinisekisile ukuphepha kukaMdonso.
“I-SABC isiqinisekisile ukuthi uphephile uma esemsebenzini. Nathi singumndeni sinezinhlelo zethu zokuqinisekisa ukuphepha kwakhe uma engekho emsebenzini. I-SABC iphinde yasithembisa ukuthi udaba lwakhe iyaluphenya kodwa ngeke singene kakhulu ophenyweni lwayo ngoba iyinhlangano ezimele okungadingi ukuthi siphazamise umsebenzi wayo,” kusho uMu.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, ucele ukuthunyelwa i-email ngalolu daba ukuze aphendule kuyona kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulanga.