ZIYAQINA izinsolo zokuthi isihlabani somculi weGqom, uBabes Wodumo uzithwele.
NgoLwesibili abantu basale bedidekile ngesikhathi uBabes noMampintsha befake izithombe ezinkundleni zokuxhumana lapho uBabes ebize khona uMampintsha ngobaba wengane.
UMampintsha naye ube esephendula ngokufaka upopayi wesifazane okhulelwe, nowengane encane.
Kube nesasasa abantu bezibuza beziphendula ukuthi laba ngabe balindele ingane yokuqala yini.
Imithombo yeSolezwe engashayi eceleni iveze ukuthi ngempela uBabes uzithwele.
“Mina ngiyaxakeka ukuthi bayikhuluma kanjani le nto ngoba bathe bazothula. Ngimangele sengibona sebekhuluma lolu daba ezinkundleni zokuxhumana. Angikazi ukuthi unezinyanga ezingaki kodwa yena ukhulelwe impela,” kuchaza umthombo.
FUNDA:
Omunye umthombo uveze ukuthi uBabes indaba yokuthi ukhulelwe ubeyikhuluma kodwa becabanga ukuthi uyadlala.
“Hawu uyazi leyo nto uBabes ubeyisho kodwa nje singayinaki. Besihlala sicabanga ukuthi uyazikhulumela nje akuyona into yangempela. Anginaso isiqiniseko sokuthi yinto ekhona ngempela yini awuzame ukukhuluma naye,” kusho umthombo.
Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana noBabes noMampintsha ngalolu daba kodwa izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa.
Laba kuveza lezi zindaba nje uBabes usanda kusula icala alivulela uMampintsha lokushaya.
Icala belisenkantolo yeMantshi yasePinetown.