UKUPHEKWA yisandla sikaphrojusa womculo wama-piano ongaconsi phansi kubalandeli endimeni yezomculo sekuqalile ukuthela izithelo ecikweni eliselincane elilokhu lithuthuke njalo uBaby Momo, naye onguphrojusa wama-piano asevele waziwa ngawo.
Engxoxweni neSolezwe, uBaby Momo (24) uthe ulana akhona manje nje yingenxa yokudlula ezandleni zikaKelvin Momo, aba nenhlanhla yokuthi amfundise ukuthi umculo udidiyelwa kanjani, wacosha nokunye okuningi kuyena ngebhizinisi lomculo.
"Sahlanganiswa yimenenja yakhe, okwathi sihlangana sazwana kakhulu kangangokuthi bekuthi ngisho uma ehambele imicimbi amenywe kuyona, ngihlale ngikhona njalo eduze kwakhe ngifunda izinto eziningi. Yilapho okwenza ukuthi abantu bangibize ngoBaby Momo ngoba bengingahlukani naye (uKelvin), kwaze kwaba ngikwazi ukuzimela emculweni njengoba sengilana engikhona manje," usho kanje.
Leli ciko likhuluma kanjena nje, lisanda kudedela i-albhamu yalo yesibili ethi Kufezekile ll, ephume ngenyanga edlule, eyelama eyokuqala ethi Kufezekile - ayikhiphe nyakenye. Womabili lama albhamu kubuke eqhubeka ekhulisa igama lakhe endimeni njengoba silokhu sande njalo isibalo sabantu abawalalelayo, nokwenza aqashwe emicimbini ehlukene.
"Lo msebenzi uyindlela engikhombisa nengiveza ngayo ukuthi ukuzikhandla kwami ngobuciko nokuthekela ulwazi kwengibafice endimeni sekuqalile ukuthela izithelo futhi ngiyabona ukuthi amaphupho ayafezeka kubhekwe phambili," kusho lona.
Uthe kule albhamu ubheke kakhulu izingoma ezithi Impilo ayishaya noMakhanj, D'Braz noCici, kube ngethi Hamba ayenze noStaar Healer, Mthandazo Gatya, D'Braz ne-Artwork Sounds, nethi Bayabaleka apike uGI_Ceejay, Ney The Bae, Baby S.O.N noMthunzi kuyona.
Amanye amaciko asebenze nawo kwiKufezekile ll woCnethemba Gonelo, FLUXX, EmjayKeys, MaWhoo, Tseki M, Future Saxo, Jay Sax, Katee Sima, Mthandazo Gatya, Dinky Kunene, Donald, SmashSA, Mzizi, DJ Stopper, Nokwazi, Zimvo, Yanga Grenade, Maremo Violin, Bongane Sax noYallunder ongasekho emhlabeni.
"Maduze ngizokhhipha futhi omunye umsebenzi engiwenze ngokubambisana ne-Artwork Sounds, bese ngiqhubeka futhi ngikhipha omunye umculo omningi ukujabulisa abantu, kanti ngikhuthaza namanye amaciko asafika endimeni nasemasha njengami ukuthi angadikibali; kepha aqhubeke nokukhiqiza umculo kuze kufike lapho echuma khona," usho kanje.
UBaby Momo udabuka eSoweto, kanti manje usezinze eRandburg, eGoli. Igama lakhe lokuzalwa wuTidimatso Shoka.