SEZITHOLE nesibusiso kunina wazo izelamani zaseBergville ezingenisile emculweni kulandela ukukhipha kwazo i-EP enezingoma ezintathu.
Lezi zelamani zakwaJili eMoyeni eBergville, okunguMonde (20) noSilindile (22), eziziqambe ngokuthi AmaSiblings, ziqale sakudlala ukubumba iqembu lazo njengoba sezigcine zikhipha i-EP.
Ekhuluma neSolezwe uMonde, uveze ukuthi ekuqaleni unina wabo ubengayizwisisi eyokuthi sebengena emculweni.
“Ububona ukuthi uMa unalo lolo valo lokuthi uzoba nezingane eziculayo ekubeni ontangayethu bafundela iziqu ezithile. Njengamanje usesinikile isibusiso sakhe ngoba useyabona ukuthi umculo yinto esizimisele kangakanani ngayo,” kuchaza uMonde.
Uthe udadewabo ubevele aziwa ngephimbo lakhe njengoba ubevamise ukucula esontweni kanti yena wazifundisa ukwenza izinsimbi zomculo.
“Ingoma yethu yokuqala ethi Uthando Lwami, nekhona kwi-EP sayiqopha sisekhaya ngoba sithi siyazidlalela kodwa sathi uma sesilalelisa abangani bethu bakhombisa ukuyithanda njengoba sigcine siyifaka nayo ezingomeni zethu ezintathu zokuqala esifuna ukuzazisa ngazo,” usho kanje.
USilindile uthe babonga uDJ Mngadi abangaphansi kwesitebela sakhe, iFloorSpinner Entertainment, ngokubanika ithuba aze abasayine ngaphansi kwenkampani yakhe.
“Sibonga asiphezi kuMngadi ngoba ngaphandle kwakhe ngabe asikakazi ukuthi siphokophelephi. Nangendlela abantu abasamukele ngayo sibonga asiphezi futhi siyathembisa ukuthi kukhulu okunye esiseza nakho uma nje sinikwa ithuba,” kuphetha uSilindile.