UMREPHA waseBergville, uBig Zulu, uthi izingoma akhule ziculwa emakhaya nezinto akhule ezibona, yizona abantu abazozizwa ku-albhamu yakhe yesine ephume ngesonto eledlule.
UBig Zulu ogama lakhe langempela uSiyabonga Nene, ukhiphe i-albhamu ethi Ichwane Lenyoka, enezingoma eziyishumi.
Uthi ezingomeni zakhe wenza isiqiniseko sokuthi akaculi ngento ezodida abantu njengoba izingoma zakhe zigxile olwimini lwesiZulu, konke ufuna kube lula.
Ingoma yakhe ethi Imali Eningi, ibe ngezinye ezimakhele igama kuleli ngonyaka odlule ngesikhathi eyikhipha.
“Ngijabule kakhulu ngendlela izinto ezihamba ngayo nezinkampani engisebenza nazo ukukhiqiza umculo wami. Ngifuna ukwenza umculo omnandi ongeke uze unike abantu inkinga ngakho ilokho engizoqhubeka nokukwenza kule ndima engikuyona.
“Yize sengihlala eGoli futhi impilo yakhona sengiyijwayele kodwa insila yami isekhaya nemvelaphi yami okugcwele kule albhamu nengikubiza ngobuciko engifike nabo ku-hip hop,” kuchaza yena.
Uthe yena njengoba esekhiphile uselekelela amaciko angaphansi kwesitebele sakhe iNkabi Records nawo asebenza kanzima.
UMncwangoh King M-x Masomaneh uthe, “Mfowethu Big Zulu uculile kakhulu la. Ngeke, kusukela izolo ngivuthela zona kuphela nasedolobheni eManguzi, kukhala wena idolobha lonke”.
U@AndileNgidi7 uthe, “Waze wamnandi, wamuhle umsebenzi wakho nkabi yami. Ngilokhu ngidlala u-track 4. Ngizolalela yonke ukuze ngikhethe engizoziphilisa ngayo”.